KUWE insika emculweni we-jazz, uNdikho Xaba.
Izindaba zokushona kukaNdikho (85), odabuka eMgungundlovu, zidalulwe ekhasini likaFacebook kaNdikho izolo.
“Kulabo ebebengakazi uBaba uNdikho Xaba usishiyile ngoJuni 11, 2019 ngezikhathi zasekuseni. Uhambe ngoxolo okuyinto esiyibongayo,” kusho isitatimende esifakwe kule nkundla yokuxhumana. Unkosikazi kaNdikho, uNomusa Xaba, ubonge kakhulu ababhale ekhasini likaFacebook.
“Kulabo abafikile, bafona, banikela ngosizo, bapheka ngosuku lokuqala lokwandulela ukuhamba kukababa esimthandayo,” kusho uNomusa oveze ukuthi okwamanje kusahlelwa ngezinhlelo zomngcwabo.
“Sizonazisa manje uma seziphothuliwe izinhlelo.”
Kwabadlulise amazwi enduduzo kubalwa nomzwilili we-opera kuleli uSbongile Khumalo, uPinkie Mtshali noZoe Masuku weHeels Over Head. UNdikho ubephethwe yisifo esihlasele imizwa engqondweni esibizwa ngeParkinson’s disease kusukela ngo-2008.
Le nkunz’ emidwayidwa beyiwu mqambi wezingoma, ibuye ibe umlingisi, umdlali wezinsimbi aphinde nothisha.
Uke wahlala ekudingisweni amashumi eminyaka, egobe amadlangala e-US, Canada naseTanzania. Wake waboshwa ngamaphoyisa eSpecial Branch ngenxa yokubamba iqhaza emhlanganweni we-ANC Youth League ngeminyaka yo-1950. Ngo-1962, uNdikho walingisa emdlalweni weshashalazi ka-Alan Paton othi Sponono, okwaba wumdlalo wokuqala wase-Afrika ukukhonjiswa eBroadway e-USA.