UGQEMEKE ingozi engeqiwa ntwala umsakazo womphakathi ozinze eDurban Station, eThekwini, Izwi LoMzansi kulandela ukushona kwenkakha yomsakazi wayo ebesekuphele izinyanga ezine ingezwakali emoyeni.
UBongani “Magaye” Cele waseMfume ubenza uhlelo lwangeSonto emini olubizwa ngokuthi A Beautiful Sunday oluqala ngo-12 kuya ku-3 ntambama. Ushonele esibhedlela saseThekwini, iNtabeni Hospital ngoMsombuluko emuva kokugula izinyanga.
Obekumakhela ugazi kubazali abaningi ukuthi uhlelo lwakhe beluthi noma lugabe ngomculo opholile kodwa aphinde asakazele nodado abanikeze nethuba lokukhuluma emoyeni bakhonzele emakhaya. Umphathi walo msakazo, uVela Xulu, uveze ukuthi balahlekelwe kakhulu kulo msakazo ngoba ubengomunye wabantu esebekhulile futhi abaqala nawo phansi.
“Siphoxekile uma sithola izindaba ezimbi kangaka ngoMsombuluko ntambama. Sishayekile njengomsakazo ngoba selokhu ayibamba kulolu hlelo kusukela ngo-1998. Waqala esebenza ebusuku kodwa ngokuvuleka kwezikhala waqala lolu hlelo abelenza,” kusho uXulu.
UMagaye ushona nje ubesanda kushonelwa nawunkosikazi wakhe.
UXulu uthe amagalelo akhe abemakhulu kulo msakazo ngoba ubengagcini ngokukhuluma embhobheni kodwa ubebuye abe neqhaza elikhulu ekukhuliseni Izwi LoMzansi FM.
“Ubebuye abe ngomunye wamalungu ebhodi lomsakazo nomeluleki. Ubewusizo ngisho kubantu ngoba ubehlala enikela ezikoleni nasemphakathini ehlukene. Ubenothando lomsebenzi nabalaleli,” kusho uXulu.
Ephetha, uthe sebebazisile abalaleli balo msakazo, nabo balokhu bethumele njalo amazwi enduduzo. Mayelana nezinhlelo zomngcwabo, uthe abalaleli bazokwaziswa kahle emsakazweni uma umndeni kaMagaye usuqinisekise zonke izinhlelo ngoba usenza amalungiselelo.