IGUJWE ngomculo nezinkondlo impilo yombhali oyisishoshovu somzabalazo uSolwazi Keorapetsi William Kgositsile, enkonzweni yesikhumbuzo ebiseJohannesburg City Hall izolo.
OwayeyiMeya kaMasipala waseGoli uMnuz Parks Tau okhulumele i-ANC uchaze uKgositsile njengomuntu obekhaliphile futhi oyisebenzele kakhulu i-ANC.
"Siyazi ukuthi ngesikhathi abanye bethu bejabulela amaholidi kaKhisimusi nina njengomndeni beniphatheke kabi ngoba uBra Willie( okuyisiteketiso sikaKgositsile) ubesesibhedlela," kusho uTau.
UKgositsile (79) obehlonishwa umhlaba wonke ushone ngesonto eledlule emuva kokugula isikhashana.
"Sizokhumbula ubuhlakani bakhe, izeluleko zakhe emkhakheni wezobuciko nangemithetho kahulumeni. Sizokhumbula amancoko akhe nokuzinikela kwakhe ekusebenzeleni umphakathi," kusho uTau.
Umngani kaKgositsile uNkk Sebiletso Mokone-Matabane uthe ubekuthanda ukufunda nokukhuluma nabantu ngezindaba ezixukuza ugebhezi.
"Ubekhuluma ngazo zonke izinto ngisho lezo ezicasula labo abahlakaniphile. Ubekugqugquzela ukuthi abantu bafunde futhi ubethandeka," kusho uNkk Mokone-Matabane.
Bekukhona ingqalabutho yeJazz uJonas Gwangwa, amaqabane akudala oMnuz Zola Skweyiya, Pallo Jordan, oNksz Baleka Mbete, Ronnie Kasrils, Amina Frense,Mathabo Kunene, Mongane Wally Serote nabanye.
UKgositsile uzofihlwa ngoLwesibili oluzayo emathuneni iWest Park, esigabeni okungcwatshwa kuso amaqhawe.