IQALILE inhlolokhono yokuthungatha umlingisi omusha wesifazane ozolingisa indawo kaSibongile emdlalweni Isibongile and the Dlaminis njengoba eshiya kuwo uLuyanda Zwane.
ULuyanda ngeke esabuya kulo mdlalo uma sekuqala isizini yesibili ngasekupheleni kukaJuni.
Ekuqaleni kwalo nyaka Isolezwe libike ukuthi ikusasa lalo mlingisi alicaci kulo mdlalo njengoba yena ubefuna ukuhamba ekupheleni konyaka odlule.
Isolezwe lathola ukuthi kwabanjwa ngisho inhlolokhono kodwa kuyo akwangaphumelela muntu.
Isolezwe lithole ngomthombo walo ongaphakathi kulo mdlalo ukuthi uLuyanda usegcine ehambile kuwo.
“Ngeke esabonakala kwisizini yesibili. Yize yena ubengasafuni ukushiya kodwa ababhali bagcine bemkhululile nokungaziwa ukuthi ngempela yini edale lokho. Naye uyasho uma umbuza lezi zindaba ukuthi ubesefuna ukuqhubeka abe yingxenye yalo mdlalo ngisho nangesizini ezayo,” kusho umthombo.
Uveze ukuthi kuleli sonto kuzobanjwa inhlolokhono la kuthungathwa khona umlingisi ozovala isikhala sikaLuyanda.
Uthe ababhali bashayisana ngamakhanda njengoba bekhala ngokuthi kunzima ukuthola umuntu ozovala isikhala sikaLuyanda obethandwa kakhulu ngababukeli balo mdlalo.
U-Irvin Pooe weMzansi Magic uveze ukuthi okwamanje basajabulela ukwenza kahle komdlalo, okunye okuthinta izinguquko kuwo bazokumemezela uma sekufike isikhathi.