IFERGUSON films, eqopha umdlalo iThe Queen, imemezele ukuthi ifuna abesilisa abane baKwaZulu Natal, abazolingisa izindawo zamadodana kaBrutus (Themba Ndaba).
Lokhu kwenzeka ngemva kokuba uSK Khoza, obelingisa indawo kaShaka, eshiye umdlalo isigubhukane. Yize ebengeyona indodana kaBrutus kodwa bebenobuhlobo obuqinile. Ubedlala indawo yendodana kaMzi, ongumfowabo kaBrutus futhi ezalwa ngunkosikazi wokuqala. Ukushiya kwiThe Queen, kuvule isikhala esikhulu.
Phambilini isikhala sokuhamba kukaShaka, savaleka kancane ngo-2020 ngokufika kukaNay Maps, owayelingisa indawo kaDingane, enye yamadodana kaBrutus.
Ngokusho kwendodakazi kaConnie Ferguson, uLesedi Matsunyane, engumqondisi wabalingisi, abantu ababadinga kakhulu ngabakhuluma ulimi lwesiZulu olujiyile, olunesigqi saKwaZulu Natal.
“Sidinga izinsizwa ezine ezishiyanayo ngokweminyaka nezizolingisa amadodana kaBrutus. Sifuna kube ngabesilisa abangafani ngendlela abaphila ngayo, njengoba izobe ihlukile indlela abazoyiphila kulo mdlalo. Sifuna izinsizwa ezinethalente elimangalisayo nezizoletha umsindo nokukhuluma kulo mdlalo. Lezi zinsizwa zakwaKhoza kumele zibe ngeziqhamuka eKZN, zilwazi kahle kakhulu ulimi lwesiZulu, noma bengasaqhamuki eKZN kodwa ulimi lwesiZulu sifuna balwazi kahle bengafuniseli” kuchaza uLesedi.
Uthe okubalulekile kubona bonke abesilisa, njengoba kunguyena ozobe ebheka ulimi, into azobe eyibheke kakhulu isiZulu soqobo.
“Emakhasini ezinkundleni zokuxhumana ngizofaka imininingwane yabesilisa ukuthi kumele kube ngabantu abanjani. Ngizophinde ngifake imininingwane yokuthi inhlolokhono iyobe ikuphi. Ngicabanga ukuthi iyona ebalulekile. Asidingi imininingwane eminingi uma kuqashwa abalingisi ikakhulu eyemfundo ephakeme. Yikhono nje kuphela esilifunayo. Okuningi bazokuthola kuthina nabazokuthatha bese bekubuyisela kulolu limi lwesiZuli, esilufunayo,” kuchaza uLesedi.
Uthe bese bezitshelile izikhungo eziningi ezifundisa ngokulingisa ngaleli thuba. Wathi bayanxusa ukuthi abasafunda bangangeneli, kodwa bangayithumela imininingwane yabo ukuze bayigcine.