KULINDELEKE lukhulu endaweni ezobe ilingiswa uThembisa Mdoda, emdlalweni iHouse of Zwide nazoqala ukubonaka kuyo maduzane.
UThembisa kulo mdlalo uzobe elingisa indawo kaNikiwe, okungowesifazane oyingxenye yomndeni wakwaZwide.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi uThembisa uqale ukuqopha kulo mdlalo ngoDisemba.
“Noma ngingayazi indawo yakhe ukuthi izothatha isikhathi esingakanani, kodwa ngenye yezindawo ezinkulu kulo mdlalo njengoba izomsondeza eduzane nabantu bakwaZwide, okuyibona lo mdlalo ongxile kubona kakhulu. Ithalente likaThembisa ilona elimvulele ithuba kulo mdlalo njengoba bekudingeka umuntu ozolingisa intokazi ezithobile ekhulile kancane njengoba umkhulu umsebenzi okumele awenze kuFunani (Vusi Kunene),“ kusho umthombo.
Uveze ukuthi kulo nyaka kuningi ababukeli bawo abazokubona, njengoba isiteshi sakwa-e.tv sifuna ube ngeminye emikhulu futhi izibalo zawo ziqhubeke nokukhula.
“Umdlalo lona ofike wenza kahle kakhulu, isibalo sababukeli bawo namanje asikabakhalisi. Ngakho ukulanda abalingisi abahlukene, nabaziwayo kuzowenza uqhubeke nokwenza kahle. Okunye futhi ngawo ukuthi abafuni ukuthi ulahle udaba oluxoxwa iwona, njengoba uthinta umkhakha wemfashini. Ukulethwa koKhaya, Winnie nabo oVusi kwakuwukwenza lo mdlalo uhehe kubabuleli, nokuyinto abafuna ukuthi iqhubeke njengoba belethe uThembisa,” kuchaza umthombo.
Kuzofika uThembisa kulo mdlalo nje abanye abalingisi abake babakhona kuwona kubalwa uSophie Ndaba noKelly Khumalo.
UThapelo Ramatsui waka-e.tv ukuqinisekisile ukuthi uThembisa uzoba yingxenye yalo mdlalo futhi useqalile ukuqopha nabo, kodwa kwayena akakazi ukuthi uzoqala nini ukubonakala kuwona.
Imizamo yokuthola ukuphawula kwakhe uThembisa izolo ayiphumelelanga.