Mthandeni SK Izithombe: Sibonelo Ngcobo/Independent Media
ABAHLELI bomcimbi iDrakenseberg Extravaganza Music Experience ebiseSport Complex, eBergville, ngoMgqibelo, bathi babonga ukwesekwa ngabantu ngoba lokho kusho ukuthi miningi imindeni ezolala idlile ngenxa yamathuba omsebenzi adalekile.
Lo mcimbi oqale emini kwaze kwasa izolo, ubuyingxenye yeDrakensberg Extravaganza & Heritage Experience ebixhaswe yiSolezwe. Iqale ngoNovemba 23 kwaze kwaba yizolo. Lo mcimbi obekungokwesikhombisa ukhona, uhlanganisa izingqungquthela zokucobelelana ngolwazi emikhakheni ehlukene, umjaho wabagijimi iDrakensberg Marathon, umdlalo weshashalazi, umncintiswano wokudoba, yidili lomculo nokunye.
Umhleli wawo uSipho Ndaba weDrakensberg Productions, uthe balinganiselwa ku-2 000 abantu abaqashiwe ngoMgqibelo, benza imisebenzi eyahlukene.
“Lapha ngibala abaculi, onogada nabanye. Angibali ezinye izinsuku zale eminye imicimbi ebesiyenza nokusho ukuthi baningi abantu abahlomulile. Izindawo zokulala bezigcwele abantu abasuka koLesotho, Free State, Gauteng, eThekwini nakwezinye izindawo. Enkundleni sinikeze abadayisi abangu-50 izindawo futhi ukudla kwabo nemikhiqizo kudayise kwaphela,” kusho uSipho.
Uthe bayabonga bayanconcoza kubo bonke abebesekile futhi bazoqhubeka nokwenza into esezingeni.
Abantu bebephume ngobuningi babo kulo mcimbi futhi uSipho uthe ngokwezibalo zabo, bebelinganiselwa ku-15 000 abebethamele.
Emini bekushisa nokuyinto eyenze abantu baba yingcosana. Lithe lingazilahla kunina, baqala basondela. Kuthe kushaya u-9 bekungathi bachithwe yisitimela.
Ngo-10, liqale ukukhemezela kodwa lokho kwangabavimba kubonakala ukuthi bajabule. Kuhlule ngisho sekucima ugesi enkundleni, baqhubeka nokujabula kwazise isiteji nomsindo akucimanga ngoba bekusetshenziswa i-generator. Ugesi ubuyile ngemuva kwemizuzu embalwa.
Phakathi kwabebenandisa kubalwa kubo abendawo abehlukene abatholwe kwinhlolokhono. Ngabo-9, kungene uNathi Mankayi oshaye izingoma zakhe waze wehla esiteji waya ngqo kubantu wacula nabo. Ulandelwe eduze nguTyler ICU ofakwe esiteji wumlingisi woZalo uNothando Ngcobo odlala indawo kaHlelo.
Abanye abanandisile nguXowla, imbongi uSbo Da Poet, 2 Faced (Thuli P noSlenda Da Dancing DJ), umrepha uNasty C, Kwesta, Mthandeni SK, Big Zulu, Dladla Mshunqisi, Babes Wodumo, Qwabe Twins, DJ Happy Gal nabanye.
Kungene iMeya kaMasipala wasoKhahlamba, uMnuz Vikizitha Mlotha noNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Sipho Hlomuka, bezobingelela.
Abaphathi bohlelo bekungabasakazi boKhozi FM, uMroza Buthelezi, Mandla Magwaza noMaFresh.