UDJ Bongz okusuke impi yamazwi phakathi kwakhe noDJ Kotin endaweni yobumnandi i-Azar
UDJ Bongz okusuke impi yamazwi phakathi kwakhe noDJ Kotin endaweni yobumnandi i-Azar
UDJ Kotin noDJ ongaphansi kwenkampani yakhe, uSithelo okusuke umsindo kuthiwa uyamdlalela Isithombe: INSTAGRAM
UDJ Kotin noDJ ongaphansi kwenkampani yakhe, uSithelo okusuke umsindo kuthiwa uyamdlalela Isithombe: INSTAGRAM
KUSHODE ozogadla phakathi koDJ baseThekwini bexakazisana endaweni yobumnandi, e-Azar.

Kuthiwa uDJ Bongz noDJ Kotin baxabane kwaze kwangenela abebeseduze kwabo babahlukanisa imimoya isiphezulu. Esigamekweni esenzeke ngoLwesihlanu ebusuku, uKotin ubehamba noDJ wakhe uSithelo obenandisa e-Azar eMorningside.

“UBongz ubehleli noMondli Ngcobo noDJ Merlon nabanye. Ube esexoxa ethi uSithelo akakwazi ukudlala kodwa yi-mixtape eyenziwe nguKotin alokhu eyidlala. Uthe yena kwamthatha iminyaka engu-10 ukukwazi ukuhlanganisa kahle izingoma ngakho ngeke badlale uSithelo noKotin,” kusho umthombo waleli phephandaba.

Uthe indaba ihambe yaze yafika kuKotin oye kuBongz engasagayelwe mphako kwaqubuka impi yamazwi phakathi kwabo.

“UKotin ubize uBongz ngesidomu, ethi akuyona inkinga yakhe ukuthi kumthathe iminyaka engu-10 ukukwazi ukudlala kahle.

Uthe kwayena kwamthatha iminyaka emibili, okusho ukuthi inkinga ikuye uBongz,” kuqhuba umthombo.

Kuthiwa uBongz ufonele nabahleli bemicimbi ethi bangamqashi uSithelo ngoba akakwazi ukudlala, okungenye yezinto ezicasule uKotin.

Ekhuluma neSolezwe izolo uBongz, usiqinisekisile isigameko.

“Yinto ebihlale ikhulunywa ngabantu ukuthi uSithelo akakwazi ukudlala. Kodwa udlala into esivele iqoshiwe, ngabe sengifuna ukumbuza uKotin ngalezi zindaba ngoba wumfowethu. Kuphakame imimoya, ngemuva kwalokho wafuna ukulwa nami ngoba ethi ngikhuluma into engekho. Kodwa ngimfonelile ngaxolisa naye walwamukela uxolo lwami,” kusho uBongz.

Uthe ngemuva kwale mpi baphinde bahlangana noKotini naye uSithelo emcimbini obuse-Artizen KwaMashu kwangaba khona ingxabano, bahlala kahle. Ethintwa uKotin uthe ufuna ukugxila emsebenzini.“Inomgolo phakathi yonke le nto. Ikhekhe likhulu, sizolidla sonke. UBongz akehlise umoya. USithelo uhlale eziqeqesha ngaso sonke isikhathi, ” kusho uKotin.