KUSOLWA ukuzithwala njengembangela yokumiswa emsebenzini kwesilomo somlingisi woZalo uNtokozo “Mastermind” Dlamini.
UZalo lukhonjiswa kuSABC1 ngo-8.30 ebusuku phakathi nesonto.
Izolo ekuseni lo mlingisi ubekhuluma ohlelweni lweGagasi FM. Ebuzwa ukuthi usekhona yini kulo mdlalo uvele wangena ezintangeni.
“Nisazoqhubeka nokungibona kodwa kuyofika isikhathi sokuthi ngikhule ngiyokwenza izinto ezinkulu,” kusho uNtokozo.
Ngokuthola kweSolezwe ngomthombo walo ongaphakathi kulo mdlalo, lo mlingisi ube nokungaboni ngaso linye nabaphathi.
“Ubesephakeme, imali iduma ekhanda. Ubezitshela ukuthi nguye umuntu omkhulu, umdlalo ngeke uqhubeke ngaphandle kwakhe,” kusho umthombo.
Uthe abadidiyeli bomdlalo bathathe isinqumo sokuthi indawo yakhe bathi ukuyimisa futhi akucaci ukuthi emsebenzini uyobuyela nini.
UNtokozo ekhuluma emsakazweni uthe yinto eyaziwayo ukuthi yena nomlingisi weSibaya, uJessica Nkosi, bazoba nengane yentombazane maduze.
“Ubaba wami usondelene kakhulu nami. Angifuni ukuba nengane bese ngingayidlali le ndima ubaba wami ayidlalile empilweni yami.”
Imizamo yokuthola ukuphawula koZalo ayiphumelelanga.