Ezokungcebeleka

Kushubile phakathi kukaGezani noMaBiyela kwi

Mbali Khanyile|Published

GEZANI Dlula Isithombe: INSTAGRAM

USHAYA amakhala ngobudlelwane bakhe omunye wamadoda ohlelweni lwesithembu olukhonjiswa kuMzansi Magic 161, futhi ucabanga ukuphonsa ithawula ngenxa yezinkinga.

UGezani Dludla weMnakwethu Happily Ever After, ukhalaza ngokungalawuleki kwesisekelo sothando phakathi kwakhe noSne “MaBiyela” Biyela, okuthe ngo-Ephreli wambika kuSiphesihle “MaCele” Cele.

UGezani utshele Isolezwe ngeSonto ukuthi ukungahloniphi kukaMaBiyela kwenza ukuthi ashaye amakhala ngobudlelwano bakhe naye kanti beqale ukuthandana ngoJanuwari.

Udalule ukuthi kuleli sonto uSne ubephezu kwezinhlelo zokusabalalisa izindaba zokuthi wathenjiswa uR2000, ayezonikezwa wona ngemuva kokuvela ohlelweni.

UGezani uyafisa ukuthi balungise izinkinga zabo kodwa akaboni kuzoba lula ngoba intokazi ilawulwa ngabangani.

"Bengizitshela ukuthi sizozama ukulungisa izinto phakathi kwethu. Sizozilungisa kanjani-ke manje uma ehamba ekhuluma amanga? Angikuholeli ukuba kuMnakwethu. Ngiye kulolu hlelo ngoba ngihlose ukwenza izinto ngendlela efanele. Manje impi aseyilwa angiyiqondi ukuthi ngeyani," kuzikhalela uGezani.

Eqhuba uthe, uyabona ukuthi inkulu ingcindezi ayitholile (uMaBiyela) ngemuva kokuvela ohlelweni. Uthe okunye okumphakatha kabi ukuthi intokazi iziqhathanisa nonkosikazi wakhe, uMaCele amfice esemlobolile.

Ethintwa uMaBiyela uqale wavuma ukukhuluma nephephandaba kodwa wagcina engasaluphenduli ucingo lwakhe. Umyalezo athunyelelwe wona kuze kwashaya isikhathi sokushicilela, engawuphenduli.

Kwenzeka izinkinga nje uGezani usanda kulaxazwa ngenye yamakhosikazi akhe, uThabisile uMaMkhize Mkhize obengahoshelani noMaCele.

Ethintwa uMusa Mseleku, uthe akanalwazi ngemali ezazithembisene yona izithandani futhi wayeqala ngqa, ukuhlangana nale ntokazi estudiyo.

"Mina ngangiqala ukuhlangana noMaBiyela ngaleliya langa. Indaba yabo yobabili lena, engingangeni kuyo," kusho uMseleku.