KUBIKWA ukuthi akasekho emhlabeni umculi oyilungu leqembu i-Afro Soul, uSergeant Malishe.
UMalishe ubeyulungu le-Afro Soul lapho abecula khona noSabelo Ngema noThandeka "MaZulu" Zulu.
Izindaba zokudlula kwakhe emhlabeni zibhalwe nguSabelo ekhasini lakhe leFacebook ngoLwesibili emini.
"Hamba kahle mfowethu, sizohlala sikuthanda. Sizobonana kusasa," kubhala uSabelo.
Akucaci ukuthi uMalishe uthathwe yini.
Omunye umculi osebenze kakhulu naye njengoba babeseKZN Music House ngesikhathi esifanayo, uSosha Ngcobo, naye ubhale ekhasini lakhe leFacebook ethi sengathi angaphumula ngokuthula.
Omunye umthombo ofonele leli phephandaba uthe ushaqekile ngokudlula kwakhe.
"Nakhu sengithola ngokushona kukaMalishe. Hhayi-bo kanti kwenzekani? Hhayi kunzima," kusho umthombo ubabaza.
USabelo uthe uMalishe ushonele esibhedlela eClairwood, eThekwini, ngoLwesibili ekuseni emuva kokungeniswa khona ngeSonto exinwe ukugula.