KUPHELILE ngoSifiso Simamane obedlala indawo kaKapteni Mthimkhulu nokusolwa izinkinga abebhekene nazo ngaphakathi esezidonse isikhathi eside

KUSOLWA izinkinga ezinkulu zangaphakathi emdlalweni Uzalo njengembangela yokushiya isigubhukane kwenkakha yomlingisi.

USifiso Simamane obedlala indawo kaKapteni Mthimkhulu, sekuvele ukuthi ngeke esabonakala elingisa kuZalo olusakazwa kuSABC1 kusukela ngoMsombuluko kuya kuLwesihlanu ngo-8.30 ebusuku.

Ngokwemithombo engashayi eceleni, abanye abalingisi abakatshelwa ngokushiya kukaSimamane nakuba sekuqashwe umsakazi weDivine Touch, uMjimiseni Magubane, ukudlala indawo kakapteni.

Ethintwa uMagubane ukuqinisekisile ukuthi usedlala kuZalo kodwa wavele wahleka uma ebuzwa eminye imininingwane ngendawo ayidlalayo.

Imithombo iphawule ngokapteni omusha yathi: “Kumangale wonke umuntu sizwa ukuthi sekunokapteni omusha. Besisalinde ukuthi uSimamane uzoqhubeka noma uma ekhishwa kwenzeke ngendlela ehlelekile.”

Ngokwemithombo uSimamane sekunesikhathi enezinkinga kodwa ebekezele. Kuthiwa ubehlezi ekhala ngokuthi indawo kakapteni ayidlalayo iyinto efanayo selokhu angena kuyona. Ubethi ukapteni uhlezi ethetha kuphela, akakhuli. Ubephinde acikwe wukuthi igama lakhe livela kuphela uma sekuphela Uzalo hhayi uma luqala ukukhombisa ukubaluleka kulo mdlalo.

“Ubezihambisa izinkinga zakhe kwabaphethe kodwa bangazilungisi. Wonke umuntu uyazi ukuthi ubehlezi ekhala ngokungakhuli komlingiswa amdlalayo nangemali ayiholayo ebingagculisi,” kusho umthombo.

Uqhube wathi kuleli sonto eliphelile abalingisi banikwe uhlelo lokusebenza nemibhalo abazosebenza ngayo nokuyilapho kuhlaluke khona ukuthi igama likaSimamane alibonwa.

Kunalokho kwethulwe umlingisi umusha osezodlala indawo kakapteni.

Ethintwa uSimamane ukuqinisekisile ukuthi useyekile ukulingisa kuZalo.

“Ngifisa kucace ukuthi ngizithathele mina isinqumo sokuyeka angixoshwanga kuZalo. Kuyiqiniso ukuthi kukhona ebengingeneme ngakho kodwa ngeke ngikwazi ukukudalulela umphakathi ngoba kuthinta mina nenkampani ebengiyisebenzela,” esho evala ucingo.

Imithombo yeSolezwe ngeSonto izwakalise ukukhathazeka ngoSimamane ngoba ukunganakwa kwakhe nezinkinga abenazo kuZalo kungase kugcine kuqedile ngempilo yakhe njengoba engasasebenzi.

Okhulumela Uzalo, uMarang Setshaelo, ukuqinisekisile ukushiya kukaSimamane kodwa wangenaba ngemininingwane nezinsolo ezihambisana nakho.