IQEMBU likamaskandi, Amabhenanyawo, ligqemeke udume lwengozi, lilaxazwa ngamanye amalungu awumgogodla okunguBahubhe noNyonemhlophe.
Leli qembu lakhiwe yizinsizwa zasoGwini oluseNingizimu okunguBahubhe, Inyonemhlophe, Phuzekhemisi, Mkhanyiselwa Nzimande waBagqobhi, Ithwasa Lekhansela neChwane Lebhaca.
Ngokuthola kweSolezwe kube nokungaboni ngaso linye ngemali leli qembu eseliqashwa ngayo.
Umthombo osondelene naMabhenanyawo uthe okucike uNyonemhlophe noBahubhe wukuthi kumthethosisekelo kwakuvunyelwene ngokuthi leli qembu kufanele liqashwe ngemali ebalelwa kuR250 000 noma ngemali engekho ngaphansi kukaR150 000 uma oliqashayo ezikhalela.
“Laba baculi kubaphathe kabi uma iqembu seliqashwa ngemali encane kakhulu kunalena engafikile nakuR50 000,” kusho umthombo. Omunye umthombo usole ukungahoshelani phakathi kukaBahubhe neThwasa Lekhansela okuyingxabano engaziwa umsuka wayo kodwa esize yakapakela nakubalandeli balezi zinsizwa.
Uqhekeko kuMabhenanyawo luqale ukubonakala emcimbini kaBhodloza Nzimande obuseCity Hall, eThekwini, ngesonto eledlule.
UPhuzekhemisi, Bahubhe noNyonemhlophe bebengabonwa nangokhalo kodwa bekunandisa uMkhanyiselwa, Ichwane Lebhaca, uMbuzeni neThwasa Lekhansela.
UNyonemhlophe ukuqinisekise ngesitatimende ukuthi usehosha imfe kuMabhenanyawo ngenxa yokuthi umatasatasa nemisebenzi yakhe futhi unezinye izinhlelo.
UBahubhe uthe unqume ukuhoxa kuMabhenanyawo ngenxa yokuba matasatasa nokukhulisa igama lakhe.
“Sengixineke kakhulu manjenjengoba senginemicimbi engiyihlelayo,” kusho uBahubhe.