INTANDOKAZI yomlingisi wakuleli, uThuso Mbedu izoqala ukubonakala emdlalweni owuchungechunge weSABC1, iGenerations: The Legacy ngasekupheleni kukaJulayi. Lo mlingisi ozakhele igama ngokudlala indawo kaWinnie emdlalweni wakuMzansi Magic, Is’thunzi, kuvele ukuthi useqalile ukuqopha nalo mdlalo.
Ezinyangeni ezintathu ezedlule, Isolezwe libike ngokuhlabana kwalo mdlalo ngale ntokazi, eyayisanda kuhlomula indondo yowesifazane ovelele emidlalweni yakuleli kumaSouth African Film and Television Awards (Saftas). Okhulumela iGenerations: The Legacy, uGaaratwe Mokhethi izolo ukuqinisekisile ukuthi uThuso useqalile ukuqopha nalo mdlalo.
“Uzovela ngasekupheleni kukaJulayi. Uzodlala indawo ka-Okuhle Cele ongumzala kaSiphesihle Moroka,” kusho uGaaratwe.
Uziphikile izinsolo zokuthi kungenzeka ukuthi bese kunezinkinga phakathi kwalo mdlalo noThuso, okuholele ekutheni aphuze ukuvela yize aqinisekisa ngoMashi ukuthi ukhona.
“Azikho izinkinga ezikhona. Konke kuhamba kahle. Useqalile ukuqopha. Uzovela nje maduze. Ababukeli abahlale belindile. Bazomthakasela njengoba engumlingisi othandwayo futhi onamava,” kusho uGaaratwe.
Uthe kulindeleke ukuthi uThuso azoshubisa kulo mdlalo njengoba eyilungu lomndeni wakwaCele, okungeminye yemindeni emikhulu futhi enamandla.
Imizamo yokuthola uThuso ayiphumelelanga, ucingo lwakhe belungabanjwa nomyalezo awuthunyeelwe akazange awuphendule. Ekhasini lakhe ku-Instagram uThuso (26) uzwakalise ukujabula ngokubalwa namanye amaciko angu-30 aneminyaka engaphansi kuka-30 avelele ezwenikazi i-Africa.
Uqokwe kwiForbes Africa 30 Under 30 okuyinto azishaya isifuba ngayo. Ubhale wathi akakholwa kodwa kumenza azibone ethobekile. Ukhuthaze abantu abasha ukuthi bavuke bazithathe ngoba ikusasa lingelabo, kumele baqale ukulisebenzela namhlanje, bangazibambezeli ngokudembesela.