UMDLALO owuchungechunge oqoshelwa KwaZulu-Natal, Uzalo, usalokhu uqengqeleze phambili ezinhlelweni ezibukwa kakhulu kwithelevishini.
Ezibalweni ezisanda kuphuma zezinhlelo ezihamba phambili kwithelevishini, Uzalo kwaSABC lusahamba lodwa lulandelwe yiGenerations: The Legacy.
Uzalo kuvele ukuthi kuphele unyaka lubukwa ngababukeli abangu-9 151 710. IGenerations: The Legacy isalandela ngemuva njengoba ibukwa ngabantu abangu-8 771 132.
Umdlalo okhonjiswa kuSABC 2, iMuvhango wona ulandele lezi zinhlelo ngababukeli abangu-5 303 053, bese kuthi umdlalo Isidingo ubukwe ngababukeli abangu-1 030 518.
IThe Queen kuMzansi Magic ihamba phambili ngababukeli abangu-1 060 250. Omunye obhalwe abakwaFerguson, osanda kuphela, iThe Imposter, nawo ukhombise ukuthakaselwa njengoba ububukwa ngabantu abangu-1 002 089.
Izinhlelo ezikhuluma ngempilo yabantu azenzanga kahle ngesikhathi sezikhuza ibuya kuMzansi Magic.
Zehle kakhulu izibalo zababukeli bohlelo olukhuluma ngempilo yomculi waseLimpopo, uPapa Penny nababukela olomndeni wakwaRanaka.
Kulezi zibalo uhlelo lukaPapa Penny belubukwa ababukeli abangu-362 959 kanti ngonyaka odlule lwalubukwa abantu abangu-453 723.
OlwakwaRanaka belubukwa abantu abangu-399 845 kulo nyaka kodwa lufika lwalubukwa abantu abangu-531 802.
Ngonyaka odlule lezi zinhlelo zabalwa nezinye ezihamba phambili ngokubukwa kulesi siteshi.
Uhlelo lwemishado i-Our Perfect Wedding nalo lwehlelwe ngababukeli njengoba kuthe kuphela unyaka bese lubukwa abantu abangu-868 230 kwabangu-1 081 050.
Esiteshini sakwa-e.tv umdlalo iScandal! uhamba phambili ngababukeli abangu-5 024 539, ulandelwe yiRhythm City ngabangu-3 783 515.