BAZIHAMBELA bodwa osaziwayo bakuleli emikhakheni ehlukene njengoba ngoLwesibili ebusuku kumenyezelwe amaciko azoqophisana eminxeni ehlukene emcimbini wezindondo waphesheya kwezilwandle owaziwa ngama-International Achievement Recognition Awards (IARA).
Umcimbi uzoba ngoSeptemba 22, eHilton Hotel Canary Wharf, Marsh Wall, eLondon.
Osaziwayo bakuleli okukhona kubo uLira, Thuso Mbedu, Bonang Matheba, Cassper Nyovest, Nasty C, Pearl Thusi, Kay Sibiya, Black Coffee, Maps Maponyane noGert Johan Coetzee baqokwe eminxeni ehlukene kulo mcimbi.
Ngonyaka odlule umlingisi owazakhela igama ngokuqala ukubonakala elingisa efilimini ethi Tsotsi, uTerry Pheto, wabuya nezindondo ezimbili kulo mcimbi wahlabana ngendondo yeBest Actress neyeBest TV and Drama.
Ezinkundleni zokuxhumana belilikhulu isasasa abantu behalalisela amaciko aqokwe emcimbini.
UBonang uqokwe eminxeni emibili kulo mcimbi, oweBest TV Presenter noweBest Media Personality.
UBonang uzithakasele lezi zindaba wabonga abahleli bomcimbi ngokumqoka eminxeni ehlukene.
UKay Sibiya ubonge uNkulunkulu ngokuqokwa kulo mcimbi wathi lokho kusho lukhulu kuye.
UPeal Thusi naye uqokwe eminxeni emibili okukhona kuwo oweBest Actress noweBest International Actress ngendawo ayeyilingisa emdlalweni wase-USA iQuantico.
UPearl ubonge abantu bakuleli abese beqalile izolo ukumvotela.
Eminye iminxa imi kanje:
BEST YOUNG ACTRESS
Nathalie Emmanuel (Fast & Furious 8)
Thuso Mbedu (Shuga)
Stefanie Martini (Prime Suspect)
Zynelluh Zuh (Deranged)
Regina Daniels (Land of Slaves)
Emily Irene VanCamp (The Resident)
Sophie Austin (Moving On)
Kate Davies Speak (Knights of the Damned)
BEST MALE ARTIST
Louis Tomilinson, Davido
Michael Dappah, Peter Okoye Mr P
Bread Boi, Ihab Amir, Sheku Kanneh-Mason
George Ezra
BEST INTERNATIONAL FEMALE ARTIST
Justine Skype, Souhila Ben Lachhab, Niniola
Salma Rachid, Lira, Angeline Quinto
Mzvee, Angun