ABADIDIYELI befilimu ekhuluma ngoBrenda Fassie bathi bazoluqala phansi uhlelo lokubheka abazolingisa kuyona ngemuva kokuthi inkantolo ichithe isicelo sokuphikisa ukuqoshwa kwayo.
Iphephandaba elinguzakwabo weSolezwe, iPretoria News, libike ukuthi iNkantolo eNkulu yaseGauteng ichithe isicelo sikaSello “Chicco” Twala obefuna ukuthi inkantolo inqume ukuthi nguye onelungelo lokwenza ifilimu ngoBrenda.
Ubefuna nokuthi indodana kaBrenda, uBongani, nenkampani iFassie Recods, bathole incwadi ebavimba ukuthi basayine isivumelwano nenye inkampani ngaphandle kweyakhe.
Ngonyaka odlule inkantolo yakhipha incwadi yesikhashana eyayivimba uBongani neFassie Records ukuthi benze inhlolokhono noma bakhangise ngefilimu. Bavinjelwa nokuthi baqhubeke nokuyididiyela noma babe nesivumelwano nomunye umuntu ngokukhiqiza ifilimu ngoBrenda.
Bekusalindwe isinqumo ngesicelo samanje lapho uTwala ayefuna ukuthi bavinjwe unomphelo ukuthi babe nesivumelwano nomunye umuntu ngaphandle kwenkampani yakhe.
Inkampani yase-United Kingdom, iShowbizbee Films, yamemezela ukuthi izoqopha ifilimu kaBrenda.
Omele inkampani eNingizimu Afrika, uVaughn Eaton, uthe sebezoqhubeka namalungiselelo okwenza ifilimu.
“Bekunencwadi ebisivimba ukuthi singenzi lutho. Besingavumelekile nokuthungatha abalingisi. Manje sesizoqala. Maningi amathuba okuthi sibe nenhlolokhono evuleleke kuwona wonke umuntu. Ngonyaka odlule sasithe abantu abathumele ama-video abo nge-internet mhlawumbe sizobuyela kulolo hlelo,” kusho uVaughn.
Uthe bazoqala amalungiselelo ngesonto elizayo lapho bezobamba khona izingxoxo.
“Kodwa nakanjani sizoqala ukuqopha kulo nyaka,” kuphetha yena.
UBrenda washona ngo-2004 ngemuva kokuquleka emzini wakhe eGoli ekade eqise kwi-cocaine.
Wazakhela udumo ngezingoma okubalwa kuzo iWeekend Special, Too Late For Mama, Black President, Noma Kanjani, Vul’indlela nezinye.