LUZOQASHWA ngolokhozi uhlelo lokukhishwa kwemali yesibonelelo yiNational Arts Council (NAC) ezosiza amaciko evela ohlelweni lwePresidential Employment Stimulus Programme (Pesp).
Lokhu kushiwo wumengameli kazwelonke womfelandawonye wezinyunyana zamaciko, iCultural and Creative Industries Federation of South Africa (Ccifsa), uJoy Mbewana njengoba iNAC imemezele ukuthi yamukela izicelo zabafuna uxhaso.
Ngonyaka odlule kwenziwa uphenyo ngesikhathi kukhishwa imali yePesp ngemuva kwezikhalo zokwenzelela.
Ethula umbiko uNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko uNathi Mthethwa, waveza ukuthi kunabathola imali engaphezu kwababeyicelile. Abanye bayithola sekwedlule isikhathi okwakumele bayithole ngaso futhi kwathinteka nabathathu ababesemkhandlwini wesikhungo ezenzweni eziphambene nomthetho.
UJoy uthe bazoqapha ukwenza isiqiniseko sokuthi akukho okuphambene nomthetho okwenziwayo.
“Sijabule ukuthi kukhona imali ekhona futhi siyethemba ukuthi ibhodi elisha leNAC lizoyiqapha. Nathi sizobe sibheke ngabomvu ukuthi kwenzeka ngendlela yini nokuthi abantu abayitholayo benza abathembisa ukukwenza yini. Kungasiza nokuthi amanye amaciko abe yingxenye yalolu hlelo,” kusho uJoy.
Uthe bazojuba nokuthi ubuholi bezifundazwe busize amaciko abo ukufaka izicelo ngoba lolu hlelo luzuzise inqwaba yamaciko.
I-Pesp kuhloswe ngayo ukweseka ezobuciko namasiko ukuthi kudale amathuba omsebenzi ngemuva kokukhahlanyezwa yiCovid-19.
“I-NAC yamukela izicelo kwezobuciko namasiko zonyaka wemali ka-2022 kuya ku-2023. Simema bonke abezobucuko nezikhungo zobuciko ukuthi bafake izicelo zoxhaso.”
Kuthiwa imali yoxhaso ifinyelela kuR3 million futhi kumele ofuna uR3 million adale okungenani amathuba omsebenzi angu-200.
Ukufaka izicelo kuzovalwa ngoJulayi 29.