BAZOBONAKALA kanje kwiComedy Central ngoMashi 11 osaziwayo abazobe besohlelweni iRoast of AKA ebiqoshwa eGoli ngoLwesine nokulindeleke ukuthi idonse amehlo abaningi BAZOBONAKALA kanje kwiComedy Central ngoMashi 11 osaziwayo abazobe besohlelweni iRoast of AKA ebiqoshwa eGoli ngoLwesine nokulindeleke ukuthi idonse amehlo abaningi
Umcimbi ubuseThe Teatro, eMontecasino, lapho osaziwayo bebephume ngobuningi bezowethamela.
Osaziwayo, okukhona kubo uPearl Thusi, Moonchild Sanelly, Mark Fish, Davido waseNigeria, Moshe Ndiki nabanye, bathole ithuba lokuzenzela kulo mrepha ngezinto abonakala ezenza ngisho nangomculo wakhe.
UPapa Penny, owamukelwe ngenhlokomo emcimbini njengoba ayeyisithandwa sabaningi ohlelweni lwakhe iPapa Penny Ahhe, uze wakhishwa esiteji ehlulwa wukwenza amahlaya.
Ngokwenqubo yohlelo, okhulumayo ngaleso sikhathi unikwa ithuba lokusho akuthandayo nganoma ubani osesiteji.
UPapa Penny bekulindeleke ukuthi enze into yamehlo kodwa kwangaba njalo.
Kuthe uma kubonakala ukuthi uyahluleka, u-AKA wavele wahlebela abanye osaziwayo ukuthi abasukume baphume, nokuyinto egcine yenzekile waphuma noPapa Penny.
Sebebuya umphathi wohlelo, uPearl Thusi, umangazwe yindlela uPapa Penny ahluleke ngayo wukujabulisa izihlwele.
Kodwa ohlwini obelukhona uyena yedwa uPapa Penny ohluleke wancama njengoba abanye bebebonakala ukuthi beze bevivile.
UPearl Thusi wenze into yamehlo njengoba uhlelo eluphathe ngobunyoninco ehlekisa kwaze kwaba sekugcineni.
UMark Fish noDavido nabo abebengathembisi benze ezibukwayo baze bajatshulelwa yiningi.
Umcimbi obuqoshwa abantu bayoze bawubone kwithelevishini ngoMashi 11 kwiComedy Central.
Ekhuluma nentatheli yeSolezwe u-AKA uthe wayengafuni nokuyizwa eyalo mcimbi kodwa wagcina evumile.
“Ngiyabonga kakhulu ngokuthi nginikwe ithuba elifana naleli yize ngangingayizwa kahle eyokwenza lokhu kodwa ngesinye isikhathi siyadinga nje ukuthi sihleke,” kusho yena.
Kosaziwayo abebekhona kubalwa uKwesta, Jesicca Nkosi nesoka lakhe uNtokozo Dlamini, Zulu Mkhathini noToll Ass Mo.