LIGQABUKILE igoda phakathi komsakazi weGagasi FM obuye abe wumlingisi weHouse of Zwide edlala kwi-e.tv nesoka lakhe leminyaka.
Isolezwe ngeSonto lithole ukuthi kuphelile phakathi kukaKhaya Dladla noMercutio Buthelezi abathembisane umshado ngo-2020.
Yize singakaziwa isizathu sokuhlukana kwabo kodwa ezikhulunyelwa phansi zithi uMercutio usebuyelene nowesilisa ayethandana naye ngaphambi kokuthandana noKhaya.
Okuphinde kwenza izinsolo zokuhlukana kwabo ziqine wukuthi uKhaya Dladla usezisuse zonke izithombe zakhe noMercutio ezinkundleni zokuxhumana. Nasemicimbini akasabonakali ehamba naye ekubeni bebengahlukani.
Lokho kugqame nasemcimbini omkhulu wokwethulwa kwabasakazi beGagasi FM, obungenyanga edlule lapho uKhaya ebehamba yedwa kuwona.
Omunye umthombo opotshozele Isolezwe ngeSonto lezi zindaba uthe uKhaya uke wazwakala ethi usafuna ukushaywa wumoya ngesikhathi abasondelene naye bembuza ngoMercutio.
Ethintwa ngalezi zindaba uKhaya akafunanga ukuphendula into eqondile.
“Angishadile mina, futhi sengathi wunezindaba eziningi njengoba ubuza nokuthi ngihlukene yini nomuntu engithandana naye. Ngiyaxolisa ngeke ngikwazi ukukuphendula, ngisemsebenzini,” kusho uKhaya evala ucingo.
Uphinde wathunyelwa umyalezo enikwa ithuba lokuthi aphendule. KwiWhatsApp kuvele ukuthi uwuvulile umyalezo kodwa wangaphendula kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Bese kunesikhathi uKhaya ethandana noMercutio. Nesanda kuthandana kwakukhona omunye owesilisa owayekhala ezimathonsi ngokuthi lo msakazi umthathele indoda emva kokuvela kokuthandana kwabo eminyakeni edlule. Owesilisa owayebalisa, kwavela ukuthi ungumdansi emdlalweni weshashalazi, waveza nokuthi wayesethathe nesinqumo sokuzohlala KwaZulu-Natal ethembele endodeni yakhe ebimenzela yonke into kanti izomshiya seyibone uKhaya.
Nakwi-Instagram kaMercutio azisekho izithombe zakhe enoKhaya kodwa kunowesilisa abonakala naye ebonga nokuthi ungumngani oqotho, ohlale ekhona uma emdinga.