KUPHELILE ngesitebela sabaculi iMabala Noise esimangaze abaningi ngokuqoqa izaqheqhe zamaciko siwafaka ngaphansi kwaso njengoba sesilaxazwe yisikhulu esiphezulu uReggie “Govnor” Nkabinde.

Kuthiwa uNkabinde usenyule zonke izimali zakhe abezifake kule nkampani wayishiya noSikhulile Nzuza.

Kuthiwa uyilaxaze ngenxa yokuthi usefuna ukugxila kwipolitiki njengoba egaqele isikhundla sokuba ngumengameli we-ANC Youth League kuzwelonke.

Kulindeleke ukuthi uNkabinde adlane imilala noThanduxolo Sabela ongunobhala walolu phiko KwaZulu-Natal naye ogaqele lesi sikhundla.

USEYOGXILA kwipolitiki uReggie Nkabinde obeyisikhulu saseMabala Noise Isithombe: SIGCINIWE

Kumanje alaziwa ikusasa leMabala Noise njengoba nabaculi sebebamba beyeka ngenxa yokungazi ukuthi izoba yini ngaphandle kukaNkabinde.

Ethintwa uSikhulile Nzuza ngalezi zindaba, ukuqinisekisile ukuthi uNkabinde ushiyile eMabala Noise.

“Kuyiqiniso ukuthi ushiye inkampani kithina, usezogxila kwipolitiki,” kusho uSikhulile.

Mayelana nemininingwane ngabantu abazongamela iMabala Noise, uthe konke lokho kuzokwaziwa ekupheleni kwesonto. Ngaleso sikhathi uthe kuzobe sekuhlukana inhloko nesixhanti phakathi kweMabala Noise noNkabinde. Ngasohlangothini lwezimali njengoba bekwaziwa ukuthi uyena onemali kule nkampani, uthe ngeke abashiye bexakekile.

Ethintwa uNkabinde uvumile ukuthi impela useshiyile.

IMabala Noise ike yaba ngundabamlonyeni ngesikhathi isolwa wumholi we-EFF, uJulius Malema, ngokuthi ixebula umkhoma ezimalini zikahulumeni futhi yilapho kufihlwa khona imali ekhwatshanisiwe.

Emacikweni ebigadla ngawo kukhona uKhanyi Mbau, Nasty C, Zakwe, Kay Sibiya, Latoya Makhene, L’vovo Derrango, Thokozani Langa, Mroza wodumo lwengoma Elamanqamu (Sobulala uVan Damme), Mbali Nkosi nabanye.

Omunye wabaculi okwake kwavela ukuthi ukule nkampani kodwa kwagcina kuvelile ukuthi ayikho inkontileka ayisayine kuyona, uZola 7.

Owayengumsunguli wayo isabizwa ngeMabalabala, uDJ Bongz, naye ungomunye wamaciko okusuke umsindo waze wayilaxaza ngemuva kokuvela kwezindaba zokuthi usephucwe amandla okuba ngumpathi wayo.

Kuphinde kwaxoshwa omunye wabaphathi kuyona nyakenye uMhlo Gumede esolwa ngokuqola abaculi.