UKUXINWA ukugula kwesihlabani somculo kamaskandi uMjikijelwa ‘Ichalaha LikaShafuza’ Ngubane kuphazamise ukuphuma kwecwecwe laso elisha ngoMgqibelo.
Ngokusho kwenduna yabalandeli futhi nomkhulumeli weMjikijelwa Music Production, uSoh Mkhonza, lo mculi uhlaselwe ukugula esanda kungena e-studio lapha eqopha khona le albhamu yakhe entsha. “Nasemcimbini weNdidane (obungePhasika) waphoqeka ukuya khona ngoba ehlonipha abalandeli abebemdinga laphaya.”
Uthe lo mculi waqalwa ukugula okungaqondakali engena e-studio. “Kwaqala ngokuthi avuvukale izinyawo nemilenze, okwakwenza kube nzima ukuhamba, aphinde ebanjwe nayinkwantshu ezandleni, kunzima ukuba ashayele imoto nokudlala isigingci. Ubephoqa khona kunjalo ukuya e-studio ngoba ecabangela abalandeli, kodwa leli dimoni belilokhu limnqoba njalo uma ese-studio, lokhu osekuholele ekutheni umsebenzi ungapheli ngesikhathi.”
Kwenzeka lokhu nje lo mculi usanda kushonelwa yindodakazi yakhe eneminyaka emine kwathi enye yashayiswa yimoto iphuma esikoleni iMatatane High eDalton. Eminyakeni eyedlule wake wahlaselwa ukugula kangangoba waze waquleka eqeda ukunandisa emcimbini owawuKwaNongoma.
USoh uthe okuyindida ngalokhu kugula kukaMjikijelwa ukuthi kuba mandla uma eqala ethi ushayela imoto. “Kuphinde kube mandla uma eke wathinta isiginci. Siyaxolisa kubo bonke abebelindele le albhamu ngomhla ka-21 Ephreli. UMjikijelwa useyawuphosa umbalane, okuningi usekwenzile sekushoda lokho nalokho bese kuyaqonda yonke into.”
Eqhuba uSoh uthe ngoLwesihlanu ubuholi bakwaThandongithandayo buzoza nemininingwane egcwele mayelana neCD entsha. “Sicela nibekezele zingane zakwethu ukugula awuzikhetheli futhi lokhu okukanje kuyinsumansumane ngoba odokotela ababoni lutho ngalemishini yabo. Uma kunje kusiza umkhuleko konke kubekwe kuNkulunkulu uMnini wamandla onke.” Esephetha uSoh ube esenxusa abalandeli bakaMjik’jelwa ukuba benganuki muntu ngokugula kweqhawe labo “ngoba asinawo amandla okuhlulela emhlabeni . Asibeke iChalaha emkhulekweni, lidlule kulesi simo, liqhubeke lishaye izizwe nezizwana ngengoma. Liqhubeke lisithokozise,siqhubeke nathi sileseke ebuhleni nasebubini.”
Imizamo yokuthola ukuphawula kukaMjikijelwa ayiphumelelanga ngenxa yokuthi izingcingo zakhe bezivaliwe.