UMCULI kamaskandi, u-Ali Mgube, ufe olwembiza futhi kwaphazamiseka nezinhlelo zakhe ngeMpucuzeko Maskandi Festival ngokufa ngokudutshulwa kwelungu leqembu lakhe, uMbuso Ngubane.
UMgube, umholi waMa-SAP, uthe uMbuso udubuleke ngesikhathi abahlali basehostela laseMeadowlnads, eSoweto, bebhikishela ukunqanyulelwa ugesi ngoLwesihlanu ebusuku.
Umalume kaMbuso, uBukelani Dladla, uthe uzwe kuthiwa kuqhamuke umuntu eceleni kwesitolo wavulela ngenhlamvu kubantu ebebebhikisha kanti kuzodubuleka umufi.
“Lo mfana ubesemncane kakhulu ngoba ubeneminyaka ewu-18 futhi esenza uGrade 11,” kusho uDladla othe uMbuso ukhulele kuye. NoMgube uthe yize ebengazi ukuthi ubulawelweni uMbuso kodwa usale nemibuzo.
“Ngizibuza ukuthi kungani kubantu abangaka basehostela kudubuleke yena yedwa? Ngilahlekelwe ngempela ngokushona kwakhe. Yize ebeyigidangoma kodwa ubesefana negoso ngoba ubesazi yonke into, kwazise wafika eqenjini eneminyaka ewu-9 waze wakhulela khona. Bese ngicabanga nokumenza umculi ogcwele eminyakeni emibili ezayo ngenxa yokuthi nesigingci ubesezama ukusidlala.”
Eqhuba uthe ukubulawa kukaMbuso kuphazamise namalungiselelo eMpucuzeko Maskandi Festival eseMoses Mabhida Stadium, eThekwini ngoJulayi 20. “Kufanele ngabe simatasatasa nokuzilolonga kodwa siyehla siyenyuka silungiselela umngcwabo. UMbuso ubengagcini ngokungigidela kodwa bengifana noyise kuye ngoba uzalwa wukanina wami futhi ubese ewumngani wezingane zami. Ngikhuluma nje kunengane engasadli emuva kokuzwa lezi zindaba,” kusho uMgube osanda kukhipha iDVD enoMbuso esihloko sithi Akwenziwa Kanjalo, Fusegi.
Yize amaphoyisa asesiteshini saseMeadowlands ekuqinisekisile lokhu kodwa enqabile ukwanda ngemininingwane.
UDladla uthe uMbuso uzofihlwa emathuneni akubo esigodini saseMbolwane, eMatimatolo, eGreytown, ngeSonto ngemuva kwenkonzo ezokuba sekhaya ngo-9 ekuseni.