UDUBE ukucula umrepha uDuncan ngesikhathi kunqamuka umsindo emcimbini i-INK Hop Festival ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibelo ebusuku.
Ungene isikhathi sesibheke ku-1 entathakusa. Ushaye izingoma zakhe okubalwa kuzo ethi, Dlala Mrepha ne Ring of Lies. Kuthe uma eseqala iTsiki Tsiki ngo-12.55 umsindo wanqamuka.
Ukhombise ukudideka ukuthi kwenzekani qede waphuma esiteji. Akekho ochazile ukuthi kwenzekani kunalokho kwangena iqembu iBlack Diamond.
Imizamo yokuthola uDuncan ayiphumelelanga ngenxa yokuthi uvele waphela emehlweni. Alungenanga ucingo ngesikhathi eseshayelwa.
Umphathi wakhe, uNgane Sikobi, ukhale nge sound system.
“Uma ungena esiteji usuke uhlelile ukuthi uzokwenza kanjani. Uma usuphazamiseka kulokho ngeke kubukeke kahle,” kusho uSikobi.
Umcimbi ubuseqophelweni eliphezulu. Emgwaqweni besingekho isiminyaminya ngenxa yamaphoyisa kaMasipala weTheku abebheke isimo.
Abantu bebephume ngobuningi babo begcwele otshanini abanye belapho kuhlala khona izihlwele uma kubukwa ibhola.
UVUSI Nova ushaye amanoni akhe abantu bawacula naye kwi-INK Hop Festival KwaMashu ngoMgqibelo ebusuku
Kuthe uma sekungena uVusi Nova phakathi kwamabili abantu basondela phambi kwesiteji. Ubelokhu ebuza ukuthi bafuna yiphi ingoma bememeze bathi i-Asphelelanga. Ugcine evala ngayo ngemuva kuka-12.30 kwahlanya inkundla yonke.
UMREPHA u-AKA ucule kwahlanya abantu
Ngaphandle kwakhe phakathi kwabanye abebenandisa kubalwa uBeast, Mthokozisi Ndaba, AKA, Prince Kaybee, DJ Fresh, TDK Macassette, DJ Sox, Zakwe, Zakes Bantwini, Mlindo The Vocalist nabanye. Uhlelo beluphethwe nguClement Maosa, Collen Zondo, Zeal, Mlwazet, Thah Simelane nabanye.