UTHUSO Mbedu uthi ufunde lukhulu emdlalweni iGenerations: The Legacy izolo okuvele izindaba zokuthi uchithiwe kuwo.
UThuso ekuqaleni konyaka kuvele izindaba zokuthi uzobonakala emdlalweni abelingisa kuwo indawo ka-Okuhle Cele.
Ekhuluma ngokushiya kwakhe uthe ukujabulele ukuba semdlalweni wonke umuntu abemamukela kuwo ngezandla ezifudumele.
“Ngisijabulele isikhathi engibe naso kulo mdlalo futhi kuningi engikufundile. Akusho ukuthi kuphelile ngami ngoba kungenamdlalo engibonakala kuwo. Ngimatasa ngiqopha umdlalo iMTV Shuga ezoze iqale ukubonakala ngonyaka ozayo,” kusho uThuso.
Amaphephandaba angeSonto abike ukuthi indawo akade eyilingisa iphelelwe yisikhathi ngenxa yokuthi ababhali bahluleke bancama ukuyiqhubezela phambili.
UThuso ugcine ukuqopha kulo mdlalo ngoJulayi. Naye ukuqinisekisile lokho.
Kuthiwa ababhali babecabanga ukuthi njengoba engumuntu onekhono futhi oselingise emidlalweni eminingi indawo yakhe izosheshe ikhule kodwa lokho kwangenzeka.
Kwi-Generations: The Legacy akabonakalanga ngisho izinyanga eziyisithupha kodwa uphinde waqokwa emcimbini wezindondo ama-Emmy Awards.
Ubeseqokwa okwesibili. Kulokhu uqokwe emkhakheni weBest Performance.
Uthe kumthokozisile ukuqokwa kwakhe kangangokuthi uzobe ekhona emcimbini nakulo nyaka.