UMFUNDO Mabaso (22), onguphrojusa wohlelo lwezindaba emsakazweni Igagasi FM, Indaba, okuthe ngenyanga edlule wahlabana ngendondo kaphrojusa ohamba phambili kuleli eziteshini ezingenisa inzuzo, uthi uzibona esabhekene nomsebenzi omkhulu kuleli ngemuva kokuhlabana.
UMfundo uhlabane emcimbini wezindondo ezaziwa ngama-Liberty Awards eSandton, eGoli, ngenyanga edlule
Le ndondo kaMfundo bekungeyokuqala kusukela engene emsakazweni ngonyaka owedlule.
Le nsizwa esencane yaseHammarsdale iqede * -matric ngo-2013 eWyebank Secondary, eThekwini, nokuthe ngo-2014 kuya ku-2016 yafundela ubuntatheli eDurban University of Technology (DUT).
Ekhuluma neSolezwe uMfundo uthe, kwamjabulisa kakhulu ukuthola le ndondo esanda kufika nje kule ndima.
“Lokhu kuchaza ukuthi umsebebenzi wami ulalelwa abantu abahlukene kuleli futhi bayawuthanda. Ngesikhathi ngizwa igama lami, inhliziyo yami yaba nokujabula kakhulu futhi emqondweni wami kwasheshe kwafika ukuthi kuningi abantu bakuleli asebekulindele kumina, kumele ngisebenze kanzima,” kusho uMfundo.
Ngesikhathi esesikoleni uMfundo uthi ayikho into ayeyifuna ukuyenza njengokungena emsakazweni.
“Ngesikhathi ngenza unyaka wesibili ngathola itoho, ngasebenza esiteshini somphakathi samaSulumane, i-Al An Saar, esise-Overport khona eThekwini nala ngangifunda khona izindaba,” kuchaza yena.
Uthe okwamenza washeshe wafuna ukufunda ngomsakazo esesikoleni yingoba wayenothando olukhulu lwezinhlelo zezindaba.
“Ngiyabonga kakhulu ku-Alex Mthiyane ngokungivumela ngisebenze naye. Kuningi engikufundile kuyena futhi ngiyathemba ukuthi kusekuningi engisazokucosha njengoba ngizimisele ngokuhlala isikhathi eside emsakazweni yize nginezinhlelo eziningi ngempilo yami,” kuchaza yena.
Uthe njengoba ekhula emkhakheni wokusakaza ufuna ukwenza izinto eziningi emkhakheni wokudidiyela nokukhiqiza izinhlelo. Uveze nokuthi uzimisele ngakuba nenkampani yakhe ezosiza intsha ehlukene kuleli efuna ukwazi kabanzi ngomsakazo.
Uthe naye uyafuna ukukhula ekusakazeni aye nakwezinye iziteshi ukuze afunde izinto ezehlukene.
Kulolu hlelo, uMfundo uthe uyena obheka isihloko okusukwe kuzoxoxwa ngaso, abambe izingcingo zabalaleli aphinde ahlanganise abantu okuzoxoxwa nabo ngalelo langa ohlelweni.
Uma ufuna ukuzibona kule ngosi ungangithumelela i-email [email protected] noma ungithinte ku-031 308 2767.