UMREPHA obalwa nabaphambili kuleli usephumele obala wachitha izinsolo abekwe zona ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokuwa esteji ngesikhathi enandisa izolo ebusuku.
Abantu ezinkundleni zokuxhumana ngoMsombuluko ekuseni bazwakalise ukukhathazeka ngalo mrepha abanye besola ukuthi ubebanjwe yizidakamizwa noma ubephuze utshwala ngokweqile. U-Emtee nokho ukuchithile lokhu ngesikhathi ekhuluma ne-website yezokungcebeleka, iTshisaLive, wathi kungenzeka ukuthi uwiswe nguwaya obusesteji.
“Ngiyaphila, ngiwumqemane. Ngiwile nje kuphela. Onogada engiphume nabo bebekhathazekile bangithatha saya ngemuva kwesiteji nabo. Isteji besisincane kakhulu ngakho bekumele ngiqaphele lapho enginyathela khona. Kungenzeka ukuthi ngiwiswe uwaya ngoba bengingeke ngiwe nje,” kusho u-Emtee
Uphume eseqashwe amaphoyisa umrepha u-Emtee owe esteji abecula kuso wangabe esakwazi ukuqhubeka. pic.twitter.com/kQMTxp0mEJ
— Isolezwe Newspaper (@IsolezweNews) July 9, 2018 U-Emtee uthe izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana ngalesi sigameko azithi shu kuyena.
Uqhube wagxeka osaziwayo abaphawule kulolu daba abanye babo abathe isitebele angaphansi kwaso kumele senze okuthize ngaye.
“Laba bantu abangazi, abahlali nami futhi,” usho kanje.
Omunye wosaziwayo othe ukhulume no-Emtee ekuseni, umrepha uReason, ugqugquzele abantu ukuthi bamakhe, bangamdicileli phansi.
“Ngikhulumile no-Emtee namhlanje ekuseni, lento ijulile kunalokho okukhulunywa abantu kutwitter. Kodwa ke, ngenxa yokuthi siyamthanda nomculo wakhe, kumele simakhe, singamdicileli phansi,” kusho uReason ephendula umlandeli obecela ukuthi akhulume no-Emtee.
Umrepha osondelene naye futhi obekhona esteji ngesikhathi ewa, uSaudi, uthe abantu kumele bakhumbule ukuthi nabo njengamaciko babuye bakhathale.
“Senike nakucabanga ukuthi u-Emtee iciko elichitha izinsuku emgwaqweni ngaphandle kokuphumula esebenzela umndeni wakhe futhi ejabulisa nina? Ungumuntu naye uyakhandleka kwezinye izikhathi ikakhulu ngezimpelasonto ezimatasa kumaciko,” usho kanje.
To everyone who genuinely cares I’m sorry that you had to see that but iGOAT lethu is okay and we’re making it a serious priority to take better care of his health and even our own. ❤️🏧🙏🏿
The @Ambitiouz_Ent Story Continues.
— Msotra Man (@Saudi_rsa) July 8, 2018