UMREPHA wakuleli uKO nentokazi esizakhele igama emculweni wepiano uPabi Cooper bangabaculi bakuleli abaqokwe emcimbini wase-USA amaBET Awards azoba kule nyanga eLos Angeles Izithombe: TWITTER
KUQOKWE umkhakha wakuleli womculo wama-piano emcimbini walo nyaka womcimbi wezindondo waphesheya kwezilwandle amaBET Awards.
Umcimbi walo nyaka uzoba se-USA edolobheni iLos Angeles ngoJuni 26.
Ngempelasonto abahleli bomcimbi bamemezele amagama abaculi abazoqhudelana kulo mcimbi.
Kulo nyaka elakuleli limelwe uPabi Cooper oqokwe emunxeni weViewers Choice: Best New International Act.
Intokazi esizakhele igama, emculweni wama-piano nehlala ibonakala emicimbini yaphesheya u-Uncle Waffles waseSwaziland noKO ngonyaka odlule ingoma yakhe ethi Seete, eshise izikhotha bona baqokwe emunxeni weBest International Act.
Ekhuluma ngokuqokwa kwakhe uPabi, uveze ukuthi kuko konke okwenzekayo ubona uNkulunkulu emkhulu.
“Ngiyajabula ukuthi into engangingayicabangi ukuthi izongibeka la ngikhona manje, isingiphakamisile. Ngangifuna ukuba umuntu odumile, kodwa engangikubheke kakhulu ukuba umdlali webhola. Ukufika kweCovid-19 okwangingenisa emculweni njengoba ngazibuza ukuthi isikhathi sokuyothuthukisa ikhono lami ebholeni asisekho yini enye engingayenza. Kula ngaqala khona ngaziqopha ngidansa endlini, ngazifaka ezinkundleni zokuxhumana futhi abantu bangithanda. Nakhona ngabona ukuthi okungcono angibe uDJ kodwa futhi kwangenzeka ngagcina ngingene shi emculweni,” kusho uPabi.
Unxuse abantu ukuthi bamvotele kulo mcimbi ukuze amele intsha emculweni wakuleli ikakhulukazi emkhakheni we-piano.
“Ngiyamazisa kakhulu uMdali ngalokhu akwenze kimi, ngeke ngize ngiwakhohlwe amandla akhe ngokungibeka la ngikhona manje,” kuphetha uPabi.
UMonde Twala wakwaParamount kuleli nokuyinkampani yakwaBET uveze ukuthi kuyajabulisa ukubona ezinye izinhlobo zomculo ziqokwa kulo mcimbi omkhulu kangaka.
Uthe ukubona uhlu lwabaculi bakuleli beqokwa kulo mcimbi emikhakheni ehlukene nakho kukhulu.
Abanye base-Africa baqokwe kulo mcimbi kubalwa:
BEST INTERNATIONAL ACT
Ayra Starr (Nigeria)
Burna Boy (Nigeria)
Ko (South Africa)
Uncle Waffles (Swaziland)
VIEWER’S CHOICE: BEST NEW INTERNATIONAL ACT
Asake (Nigeria)
Camidoh (Ghana)
Libianca (Cameroon)
Pabi Cooper (South Africa)
Related Topics: