UPHUMELELE esecabanga ukuphosa ithawula kwezomculo umzwilili uNomcebo Zikode wodumo lwengoma ayishaya noDJ Ganyani ethi Emazulwini.
Le ntokazi edabuka eMpumalanga, eHammarsdale, isineminyaka engu-15 iwa ivuka emculweni icula ngaphansi kwamaciko aziwayo kuleli. UNomcebo usebenze nabaculi abaningi okukhona kubona uZahara, Sifiso Ncwane, uHeavy K nabanye abaningi.
“Ngike ngakucabanga ukushiya phansi ngoba izinto zami zingahlangani kodwa ukuhlangana kwami noGanyani yikho okungivulele amasango ngoba abaningi bangaze ngale ngoma engiyenze naye,” kusho uNomcebo.
Ukhulume ngokuthi kwaqala kwaba nzima ukucula noDJ Ganyani ngoba wenza i-house ekubeni yena uNomcebo engumuntu ocule kakhulu owokholo. Uthi wasizwa ukuhlala phansi yedwa acabange indlela azongena ngayo engomeni kaGanyani, wavele wafikelwa umugqa womthandazo uBaba Wethu Osezulwini.
Uthe njengamanje usengaphansi kwenkampani i-Open Mic akhiphe kuyo umucu osihloko sithi Imizamo Yami nathe ukhuluma ngothando. Uthe umatasa ulungisa i-albhamu yakhe athe nayo izobe iqukethe izingoma ezihlabahlosile.
“Kuyenzeka umnike lonke uthando umuntu, yena akhombise ukungabi nandaba bese kukuphatha kabi wena lokho. Kungaba wumuntu othandana naye noma kube wumngani nelungu lomndeni.”
Uveze ukuthi yena uwubufakazi bokuthi abantu akufanele baphonse ithawula empilweni ngoba izinto zilunga uma sekufike isikhathi. Ukhulume nangokukhula kwakhe athe bekungekuhle kahle. Uthe uphuma emndenini opatanisayo wathi kwamgqugquzela kakhulu.