KUME nse ukuqopha Uzalo izolo ngemuva kokuthi ithimba eliqopha lo mdlalo livuke umbhejazane lathi liwabeka phansi amathuluzi njengoba lingaholile.
Kuthiwa abaqophi yibona abafike bamisa yonke into njengoba beveze ukuthi imali yabo ayingenile ngakho ngeke bakwazi ukuqhubeka nomsebenzi.
Kuthiwa abalingisi basale benkemile ngesikhathi bezitshela ukuthi bazosebenza kodwa batshelwa ukuthi ababuyele emakhaya.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi umholo walabo abaqopha lo mdlalo bekumele ingene ngoMgqibelo kodwa lokho kwangenzeka.
“Ngesikhathi befika batshele abaphathi obekukhona kubo noGugu Zuma ukuthi ngeke basebenze, banxusiwe ukuthi kuhlanganwe ukuze kuxoxiswane. Kodwa nakhona akuphunywanga nasixazululo njengoba bephume besamile ekutheni ngeke basebenze imali yabo ingangenile,” kusho umthombo.
Uthe emhlanganweni kunqunywe ukuthi uma kuze kushaya uLwesihlanu imali ingangenile ngeke baqhubeke nokuqopha.
“Ngeke kuqoshwe kulezi zinsuku njengoba kusenezinkinga. Zimapeketwane izinto kulo mdlalo njengoba abanye abalingisi ikakhulukazi laba abangaphansi kwama-agent, behola kodwa kukhona nabanye okuvela ukuthi abaholi,” kuchaza umthombo. Lezi zinkinga zidalwa ukuthi inkampani ekhiqiza Uzalo ingenye yezigcine ukukhokhelwa yiSABC ngoJuni.
UPepsi Pokane, wenkampani iStained Glass Pictures, esitatimendeni asikhiphile ukuqinisekisile ukuthi kumisiwe ukuqoshwa kwawo.
Uthe isinqumo abasithathile sokumisa ukuqopha silandela ukuthi abasebenzi beveze ukuthi ngeke basebenze njengoba umholo wabo ka-Agasti ungangenanga.
“Inkampani iStained Glass Pictures isezingxoxweni neSABC futhi yaqinisekisa ukuthi kuzothi kuphela le nyanga izobe isiyikhokhile imali. Abaphathi baphinde babiza bonke abasebenzi abathintekayo babachazela ukuthi kwenzekani. Ngenxa yokuthi abakhokhelwanga bakhethe ukubeka phansi amathuluzi kuze kube bayakhokhelwa,” kuchaza uPepsi.
Uthe bayasemukela isinqumo esithathwe ngabasebenzi futhi basaxhumana neSABC ngalolu daba.
Okhulumela iSABC, uNeo Momodu uthe, isimo sezimali kwaSABC asisihle kodwa bazoxhumana nazo zonke izinkampani ukulungisa lolu daba.