UMHLELI womcimbi omkhulu kamaskandi iMpucuzeko Maskandi Festival, uXolani Mcineka, uthi konke sekumi ngomumo ngalo mcimbi ozoba kusasa enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida.
UXolani uthi, sebelindele izihambeli zalo mcimbi njengoba ngakubona konke sekulungile. “Ezokuphepha abantu kumele bangakhathazeki njengoba ziqine kakhulu kulo mcimbi kulo nyaka. Siyanxusa ukuthi abantu bafike ngesikhathi njengoba namanje sisagcizelela ukuthi sizoqala ngo-11 kuyothi kushaya ihora lokuqala emini impela siyobe sihamba nawo umcimbi amavukane enandisa esiteji.”
Uthe kulabo abangeke babe nezinhlelo zokuyohlangana nabanye ukuze bafike emviyiliyweni bayabanxusa ukuthi baqonde ngqo enkundleni yezemidlalo. “Njengoba kuzoba nomviliyelo nje siyanxusa abangeke babe yingxenye yawo beze enkudleni bezoqala ukujabulela amaciko azobe enandisa.”
Uthe kulo mcimbi nakulonyaka zizoba khona izikhulu zikahulumeni njengoba uNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala ezoba yingxenye yalo mcimbi. Uthe noNgqongqoshe wamaSiko namaCiko KwaZulu-Natal uNksz Hlengiwe Mavimbela uzobe ekhona.
Amathikithi alo mcimbi uthe aseyatholakala.
Kubantu okuvela ukuthi bazophatha uhlelo uTshatha noZimdollar abasakaza oKhozini, Ngizwe Mchunu nabanye.
Khonamanjalo abalingisi bakuleli bazoklonyeliswa ngemisebenzi yabo ekulingiseni kumafilimu nasemidlalweni ehlukene njengoba kusasa ePlayhouse kuzobanjwa umcimbi Amabhunu Sabela Awards, azoba sePlayhouse, eThekwini.
Kulo mcimbi abalingisi bomdlalo eHostela baqokwe emikhakheni ehlukene nokulindeleke ukuthi kubukwe bona esiteji.