KUNABANTU okuthatha isikhathi ngaphambi kokuthi izinto zabo zikhanye emculweni. Abanye nokho bathi bengena basheshe bazitholele indawo ezinhliziyweni zabathandi bomculo. Omunye walabo nguBathabise “Thabsie” Biyela (26) owapikwa ngabaculi abahlukene okubalwa kubo uDJ Franky engomeni ethi A Night To Remember. Kodwa ingoma emgqamise kakhulu ngekaKwesta ethi Ngiyazifela Ngawe eyashisa izikhotha yaze yaqokwa kumaSama.
Ekupheleni konyaka odlule ukhiphe i-albhamu yakhe yokuqala ethi Songs About You enezingoma ezingu-10. Igabe ngezingoma okubalwa kuzo i-African Queen ayishaye noJR nezinye.
UThabsie uzalelwe futhi wakhulela eKapa.
“Abazali bami baqhamuka KwaZulu-Natal kodwa bakhe eKapa. NgingumZulu. Bobabili abazali basekhona futhi nginodadewethu abathathu,” kusho uThabsie.
Uthe wathuthela eGoli ngo-2010 eyofunda i-Economics e-University of Johannesburg (UJ).
“Ngathi sengiqedile ngabe sengisebenza ebhange kodwa ekuqaleni kuka-2017 ngathatha isinqumo sokugxila emculweni. E-UJ ngangilekelela abaculi abasafufusa ngokucula ngabe sengihlangana noPsyfo sihlanganiswa abangani. Uye ongifundisa ngomculo futhi sengikhulile njengomculi,” kuchaza uThabsie.
UPsyfo, owazakela udumo ethula izinhlelo zeYO-TV futhi elingisa nakwiGenerations engu-Ajax, ungumphathi wakhe kwazise uqopha enkampanini yakhe iSid Records.
Uthe yize enesikhashana esemculweni kodwa usezuze lukhulu ngoba umculo wakhe uyathakaselwa. Kulezi zinsuku iphimbo lakhe lizwakala engomeni kaMlindo The Vocalist ethi Macala.
“Ngiyakwazi engikufunayo futhi yize ingcindezi ikhona yokuthi ngenze kangcono kodwa umuntu engincintisana naye lapha yimi. Ngifuna ukuba ngcono kwengikwenzayo.”
Lo mculi weR&B uthe uma ebhala umculo ubhala ngezinto adlule kuzo noma izinto azibona zenzeka kubantu asondelene nabo.
Kumanje uhlanganisa ingoma azoyikhipha ngaphambi kokuphela konyaka bese ilandelwa yi-albhamu ephelele ekuqaleni konyaka ozayo.
“Basayididiyela manje. Kade siseZimbali sisebenza. Okwamanje abekho abantu engibapikile kodwa kukhona engikhuluma nabo,” kusho uThabsie.
Ngonyaka odlule uThabsie ushade noThando Vokwana ngokwesintu.
“Umyeni wami uyangeseka kukho konke engikwenzayo. Sihleli kahle futhi eyezingane asikayicabangi ngoba ngisagxile emculweni.”
Uthe ukhonze ukuya ejimini, ukuzihlalela ekhaya noma asebenze enkampanini yakhe yezinwele ezinemibala egqamile iColour Queen uma engawenzi umculo.
Uphethe ngokululeka abantu ukuthi uma befuna ukungena kwezokungcebeleka kumele kungabi yisinqumo abasithathela phezulu kodwa abaholwe wuthando.