INHLANGANO yokusakaza kuleli iSABC isamile ekutheni konke okumayelana nomncintiswano weculo elizohlukanisa unyaka emsakazweni engaphansi kwayo kusingethwe iMachael Owen Production, ngeminye imininingwane kumele kuthintwe yona. Lokhu kuvezwe ngokhulumela le nhlangano uKaizer Kganyago.
Isolezwe lithinte ihhovisi lale nkampani ephethwe u-Owen Ndlovu ngemuva kokuthola ukuthi imoto ayibonwa kulo nyaka nokuthola mayelana namalungiselelo alo mncintiswano.
Okhulumela le nkampani uSonia Motaung uthe imiklomelo bayithola kubaxhasi kodwa angabadalulanga.
“Kulo nyaka kunezinguquko ezinkulu, kuliqiniso ukuthi ngeke sibe nayo imoto njengoba kwenzeka ngonyaka owedlule. Kulokhu umculi ozovotelwa kakhulu ngokwesiteshi uzohlomula ngoR10 000. Ozovotelwa kakhulu eziteshini uma zihlangene uzothola uR150 000 ngaphezu kukaR10 000 awuthole ngokuba phambili esiteshini sakhe.
"Uma ebe phambili kuzona zonke iziteshi eziwu-18, uzothola uR180 000 noR150 000 okwenza imali azoyithola ibe nguR330 000,” kusho uSonia.
Ube eseveza ukuthi ingoma ezodla umhlanganiso izodlala kanye kanye kuzo zonke iziteshi ngo-12.10 ebusuku ngemuva kokuthi iziteshi zizidlalele ezazo ezihlukanisa unyaka.
Uthe njengamanje ezingomeni ezihamba phambili kwezivotelwayo kungabalwa kuzo ekaDr Malinga (Angilalanga Izolo), Heavy K ft Bucie noNokwazi (Inde), DJ Tira ft Tipcee noJoejo (Malume), Distruction Boyz ft Dladla Mshunqisi noBenny Maverick (Omunye), Kwesta ft Wale (Spirit), De Mogul SA (Oe Batla Kae), Sun-El Musician ft Samthing Soweto (Akanamali), Distruction Boyz ft Tipcee (Madness) nezinye.
“Abantu bazivotela ngoba zingezinye zezidlalwa kakhulu emisakazweni yeSABC,” kusho uSonia.
Ukuvota uthumela igama lomculi nengoma ku-33175.
“Ngaphambi kokuphela kwesonto elizayo sizobe sesikhipha uhlu lwezingoma ezingu-10 eziphambili,” kusho uSonia.
Abantu bagqugquzelwe ukuthi bavotele izingoma zabaculi baseNingizimu Afrika kuphela.
Khonamanjalo, uNgqongqoshe wezokuXhumana uNkk Mmamoloko Kubayi-Ngubane unxuse ukuthi izinyunyana zabasebenzi neSABC bakhulume ngokuthula mayelana nezindaba zokunyuselwa amaholo.
Lokhu kulandela ukuthi iCommunication Workers Union (CWU) neBroadcasting, Electronic, Media & Allied Workers Union (BEMAWU) bethe bazobeka phansi amathuluzi namhlanje uma iSABC ingawanyusi amaholo. I-SABC iphakamise ukunyusa ngo-4.5% nokuyisiphakamiso izinyunyana eziyichithayo.