ISITESHI sethelevishini iMoja Love TV, sesiveze ukuthi sesiyikhombe indlela inkampani yonogada obekumele ivikele umethuli nethimba lonke elishutha uhlelo olukhombisa obaba abangondli i-No Excuse, pay Papgeld.
Lokhu kulandela ukuthi umethuli walo uMoss Makwati, nethimba ashutha nalo behlaselwe umndeni akade bezofuna kuwo owesilisa ongondli nabamfice eshada.
Lesi sigameko senzeke ngempelasonto edlule eGermiston, eGoli.
ULindiwe Mbonambi wezokuxhumana kulesi siteshi uthe, laba bayalulama ngemuva kokuhlaselwa.
“Onogada abebehamba nabo abawenzanga umsebenzi wabo sagcina sithathe isinqumo sokuthi sibakhombe indlela. Sibonga ukuthi akekho olimale kabi kulesi sigameko njengoba yize kube khona ukuhlaselwa kodwa imimoya yabo bonke ngisho neyomndeni igcine yehlile, kwakhulunywa ngodaba akade beze ngalo,” kusho uLindiwe.
Uthe ukuqoshwa kube sekuqhubeka ngendlela ngemuva kokuthi kwehle imimoya.
Ithimba lalolu hlelo kuthiwa lihlaselwe umakoti nomkhwenyana namanye amalungu omndeni okukhona kuwo nezalukazi zakhona emndenini.
Lona wesilisa kuvela ukuthi ubeyiswe unina wezingane zakhe ezintathu kulolu hlelo ngoba engafuni ukuzondla.
Ithimba lalolu hlelo kuveza ukuthi lawabiza amaphoyisa ngesikhathi lihlaselwa kodwa awangafika kwagcina lingavulwanga icala.
Lolu hlelo oluhambela obaba abangondli, akukhona okokuqala ukuthi umethuli walo ahlaselwe njengoba nasemasontweni adlule owesilisa ayemvakashele emzini wakhe washo ukumqeda ngesibhakela wasizwa ngukuthi avike.