Ezokungcebeleka

Kukhuthazwe inhlonipho komaskanda kukhunjulwa uNtshebe

Charles Khuzwayo|Published

UBUSANI "Ntshebe" Khuzwayo uzofihlwa emathuneni asekhaya kwaNgqulu, eQhudeni, eNquthu kusasa

Image: SIGCINIWE

KUGQUGQUZELWE abaculi bakamaskandi ukuba bawuhloniphe umkhakha abakuwo ngoba usungungqaphambili kulezi zinsuku. Le nselelo iphonselwe omaskanda ngomunye wabaphathi babaculi abahlonishwayo kuleli, uThobela Dlamini ngesikhathi kukhunjulwa obengumdlali wesigingci nomsunguli weZingane Zoma eDowntown Studios izolo.

Uthe umaskandi yilona hlobo lomculo oludayisa ukwedlula zonke kulezi zinsuku. Unxuse abaculi ukuba baqhakambise inhlonipho kakhulu. Nomsunguli waMantshontsho Kamaskandi Awards, uMlamuli Nxele, ukhuthaze ukuziphatha kahle kubaculi, wathi abayeke izinhlamba nokuba yizixhwanguxhwangu esidlangalaleni kodwa babe yisibonelo esihle kubalandeli babo.

Inkakha yalo mculo uThokozani "Somnandi" Langa, ithe yasebenza kakhulu ngaphansi kwenkampani kaNtshebe, Izingane Zoma Music Productions. Uthe waqopha ama-albhamu amathathu kusukela ngo-1992, ngaphambi kokubonwa yiBula Music. Naye ugqugquzele inhlonipho kozakwabo.

"Mina ngisebenze nezinkampani eziningi kusukela kwiZingane Zoma, Bula Music ,Gallo Music neMabala Noise kodwa angikaze ngathuka umuntu."

Uthe yena wafica izingwazi kulo mculo ezinjengoKhansela , Phuzekhemisi noHhashi Elimhlophe wafike wazihlonipha. Umculi kamaskandi, uDkt Buselaphi Buthelezi-Gxowa, ubabaze inhlonipho kamufi.

UBuselaphi ukhale kakhulu ngokuncishwa kwabaculi besifazane amathuba okunandisa esteji.

Uthe nabaqashwayo banikezwa ubala.Uphonsele inselelo abahleli bemicimbi ukuthi bayeke ukuba ngongoqo.

"Nina eninamandla uma seningqongqozile nayithola imali, nisiphe nathi," kusho uBuselaphi.

Esephetha ugqugquzele abaculi, ikakhulukazi abadala, ukuba bayobhalisa enhlanganweni eqoqa imali yabaculi ebizwa nge-Independent Music Perfomance Association (Impra), ukuze bazihlomulele imali yabo.

Uthe abafuna ulwazi oluthe thuthu banganqeni ukumthinta. Umculi owayeyimenenja kaMgqumeni, uQondani Mthethwa, ukhuze abantu abanomona nabaculi asebephumelele.

Lesi sikhumbuzo sigcine sesiphenduka umcimbi njengoba abaculi bagcine sebenandisa. USkhumba Zondi ubakhumbuze ngezikhathi kusenaMatshitshi Amhlophe, ngesikhathi ecula ingoma ethi, Ngesaba Igazi Lomuntu ubegida njengoba ayenza kuma-video aleli qembu likaMahawukela Mseleku.

Uhlelo lwesikhumbuzo  beluphethwe wusonkondlo obuye abe ngumlingisi wemidlalo yethelevishini, uKwazi Nsele. 

Abanye abaculi ebebehambele lesi sikhumbuzo ngoSizathu Hlabisa waMaNTU, Quality Biyela, Ingonyama Yehlathi, Imfezemnyama, Khangelani "DSD" Mhlongo, Igeza LakwaMgube, Njabulo Langa, Mnyovu, Lihle Xhakaza, Nqobani Dube woFelaba, Ndukuziyashisa.

UNtshebe, odlule emhlabeni esibhedlela saseDundee ngoLwesihlanu olwedlule, uzofihlwa ngoMgqibelo emathuneni asekhaya esigodini saKwaNgqulu, eQhudeni, eNquthu.