BAKHALA ezimathonsi abenkampani ehlela imicimbi iKrom yasesifundazweni iMpumalanga ngemuva kokuthi isihlabani sikaphrojusa uDJ Maphorisa besisola nokugweva noR25 000 wabo.
Le nkampani yakhiwe uSandile Motha, Siyabonga Dube noMpilo Dube. Bathi bakhokhele uMaphorisa imali yokuqasha uMlindo The Vocalist ngemuva kokuthola ukuthi nguyena imenenja yakhe.
Bathi bebehlele umcimbi bamema uMlindo. Umcimbi wawuzokuba eLukwatini Stadium, eMpumalanga ngoDisemba 8 nyakenye nogcine ungenzekanga ngenxa yemvula.
Okhulumela iKrom uMpilo, uthe base bevele beyifakile imali yomcimbi kuMaphorisa.
Kuthe uma ungasenzeki sekufanele ayibuyise, wagoloza.
“Saxoxa noMaphorisa sicela ukubhukha uMlindo, wangaba nankinga. Wasichazela lonke uhlelo lokusebenza uma kuzobhukhwa umculi wakhe. Wathi uMlindo uzosiqashisela ngoR25 000 kodwa kufanele sikhokhe idiphozithi kaR20 000 ohlanganisa ukucula nokuqopha i-video okuzokhangiswa ngayo."
Uqhube wathi ngoNovemba bafaka uR16 000 eCapitec Bank. Uthe ngesikhathi ifakwa imali emshinini kwavela ukuthi iya kuThemba Sekowe, nokuyigama lakhe langempela likaMaporisa.
Sekusondele usuku lomcimbi bafaka eSpar uR4 000.
“UMaphorisa wathi akafuni imali ivele kwi-akhawunti yakhe asiyifake ePep, Spar noma eShoprite. Samthumelela isiliphu esikhombisa ukuthi sesikhokhile,” kusho uMpilo.
Uthe ngesikhathi sebecela ukuthi aqinisekise konke athumele ne-video kaMlindo esho ukuthi uzoba semcimbini, kwangenzeka.
“Waqala wangazibamba izingcingo. Uma simthola kuWhatsApp adelele.
“Sathi uma simcela asibuyisele imali ngoba ngaphambi kokuhlehla komcimbi wayesekhombise ukungathembeki. Wathi bazoza uma sekukhishwe olunye usuku.”
UMpilo uthe baqoka uDisemba 28 kodwa uMaphorisa wangamletha uMlindo.
“Sacela asibuyisele imali wathi ngeke sisayithola, asenze esikuthandayo, maqede wasibhlokha ocingweni nakuWhatsApp,” kukhala uMpilo.
Ethintwa kuWhatsApp uMaphorisa uqale wathi akabazi laba bantu okukhulunywa ngabo.
Ngemuva kwamahora ambalwa uthumele ingxoxo ephakathi kwakhe nothile bexoxa ngokudelisana ocansini oluvuthayo.
Ushaye ungqimphothwe wathi akamazi umfana okukhulunywa ngaye odabeni yena wazi owesifazane osebenzisana nabo owayemfuna ucansi.
“Lo wesifazane uyingxenye yeKrom eyahluleka wukhokhela uMlindo,” kusho uMaphorisa.
Uthumele amagama nenamba yalo wesifazane.
Uhlulekile wukuchaza ukuthi kungani esethi uyabazi okukhulunywa ngabo.
Mayelana nemali akhokhelwe yona uthe: “Ngesikhathi kufanele bakhokhe bawumisa umcimbi nx.”