ISILOMO somculo kamaskandi, uMthandeni “Igcokama Elisha” Manqele, sidalule ukuthi sikuhoxisile ukwenza kabusha ingoma kaVusi Nova eshisa izikhotha kulezi zinsuku ethi Asiphelelanga ngoba “ngibalekela ukukhuluma”.
Kwaba nokukhulu ukukhuluma ngengoma kaVusi ebala abaculi abangasekho njengoba bengekho abakamaskandi. Kwavela ukuthi uhlela ukuyenza kabusha ehambisana neGcokama Elisha.
Lokho kwamukelwa ngezindlela ezehlukene njengoba umculi kamaskandi uCevuzile wathi uVusi kumele ababale yena abaculi hhayi ukuthi apike Igcokama Elisha.
“Amabhinca avele alwa ngavele ngathi angiyiyeke oCevuzile bayicule bona. Ngiyalihlonipha igama leGcokama Elisha angikufuni ukukhuluma. Umona usuke lapho ekutheni ngiyiGcokama Elisha,” kusho yena.
Uqhube wathi: “Ngibalekiswe wukuthi lokhu kuzokwehlisa umculo kamaskandi kuthiwe abaculi bakamaskandi abantu abalwa bodwa. Kwakudlalwa ngaye vele uVusi ngoba akekho umuntu onelungelo lokutshela umculi ukuthi ashintshe ingoma yakhe.”
Uthe uVusi wayelwenze kahle ucwaningo lwakhe ngoba uye kumculi othandwa ngabantu futhi onabalandeli abaningi.
“UVusi wenza izinto ngesikole akavele athathele izinto phezulu. Ubonile ukuthi yimina ophethe isitayela futhi othandwayo.”
Uthe sebenze ingoma entsha nalo mculi ethi Thula Mntanami ezotholakala mahhala kusasa ngo-7 ekuseni.
Uthe yendlalela i-albhamu yakhe entsha ezophuma ngoDisemba 1 enezingoma athe zizoshisa izikhotha okubalwa kuzo ethi Umhlaba Kafish.