KUSHAYISANA imbono ngenkulumo kaMacgyver “MacG” Mukwevho, esabalale ezinkundleni zokuxhumana lapho ezwakala egxeka uMinnie Dlamini, ethi uzenza ingelosi ekubeni uyefana noZodwa Wabantu.
Enkulumweni yakhe uzwakala ekhala ngempilo yosaziwayo besifazane bakuleli athi benza isenzo esifana nse nesenziwa nguZodwa.
Enkulumweni yakhe uzwakala ebeka kanje:
“Angibazondi abesifazane abathola imali ngemzimba yabo. Into engingayifuni ukuthi siyakhohliswa. Umehluko phakathi kukaMinnie noZodwa Wabantu, ukuthi oyedwa wabo akayifihli indlela aziphilisa ngayo kanti omunye uzenza ingelosi. Awucabange nje ukuthi maningi kangakanani amantombazane afuna ukufana noMinenhle noMihlale abaphila impilo yamanga," kusho uMacG kwividiyo.
UKhanda Limtshel' okwakhe ongomunye wabalandeli bakaMacG ophawule kanje :
"Uqinisile uMacG. Labo saziwayo bayisibonelo kubantu abasha abaphinde babalandele ezinkundleni zokuxhumana. Okubi nje, ukuthi akucaci ukuthi yini ebenza bacebe kangaka. Uvele ubone ngabo sebenakho konke."
Kanti Pac-Man ubona inkulumo kaMacG ibuwula wathi :
"Kubukeka sengathi ikhona inkinga anayo uMacG. Isenzo sakhe sikhombisa ubuwula nokungabi nandaba nemizwa yabanye abantu."
UMlungisi uthe:
"Yekani ukubuka uhlelo lukaMacG uma ningayithandi into ayenzayo. Sikhathele abantu abakhuluma ukuthanda kwabo ngohlelo ngoba bezizwa bengagculisile.“
NgoLwesithathu uMinnie ukhiphe isitatimende asinameke kwi- Instagram, ezwakalisa ukungenami ngokusabalala kwezinsolo zomjolo okubikwa ukuthi yiwo oholele ekutheni ahlukanise nobengumyeni wakhe uQuinton Jones.
Izindaba zokuhlukanisa kwabo ifindo likasofa silahlane ziqale ukusabalala ngoFebhuwari. Esitatimendeni uthe izinsolo asolwa ngazo azehli kahle kuye nomndeni wakhe, zingamanga futhi zihudulela phansi isithunzi sakhe.
Uthe yena noQuinton bazoqhubeka babe ngabazali ababambisene ekukhuliseni indodana yabo.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola uMinnie noMacG ukuba baphawule njengoba kuze kwashaya isikhathi sokushicilela bengaphenduli.
MacG says "All of these girls are the same with Zodwa Wabantu, they sell pussy..." 😭
— YaseBlock B 🇸![CDATA[]]>🇿 (@ThisIsColbert) May 12, 2022
Man went on to reveal the reason why he admire Zodwa Wabantu ❤️
This is #PodcastAndChillWithMacG 📺
Royal AM Mrs Jones Mihlali Kelly Kota Nigerians #TheWifeShowmax Nuri pic.twitter.com/PWiiD0OVE9