Ezokungcebeleka

Kuhlonishwa abagqamisa iKZN

Fanelesibonge Bengu|Published

U-DOGG DBN uthi uthathe imali abezoshadelwa ngayo ukwenza umcimbi iDlala Thukzin Weekend Isithombe: INSTAGRAM

UMHLELI wemicimbi uLindo "Dogg DBN" Buthelezi uthi iKwaZulu-Natal ishintshile, kayisemnandi njengasekuqaleni, ngakho abantu abenza imizamo kumele babongwe.

UDogg echaza ngesinqumo sokuhlonipha abantu abagqamile emikhakheni ehlukene, uthe kuzohlonishwa amaciko okubalwa kuwo umlingisi uWiseman Mncube, Felix Hlophe, Big NUZ, Hope Mbhele, Kweyama Brothers, Goldmax, Mbuso Khoza, DJ Amenisto nabanye emcimbini iChampions of KZN Awards.

"Kunobaba okuthiwa u-Ayanda Msweli, engike ngimbone ephethe ibhakede eqoqa imali ehamba esiza abantu. Uyazi kumele ube nothando olungakanani ukuthi ushiye umuzi wakho, uhambe uyosiza abantu ongabazi,“ kusho uDogg.

Uthe imiklomelo, iChampions of KZN, izoba seBond Shed, eThekwini, namhlane ebusuku. Uqhube wathi le miklomelo ingenye yezinto eziningi ahlele ukuzenzela abantu bakulesi sifundazwe.

"Mina ngidayisa ngisho imoto uma sengiyihlelile, into ingivusa ebusuku. Uyabona ngithathe imali yomshado wami nomkami ngayifaka ekwenzeni lo mcimbi.

Iphupho lami leli. Ngiyayithanda le nto. Ngiyicabanga usuku lonke ukuthi ngingayenza kanjani ibe ngcono," kusho uDogg.

Imiklomelo iyingxenye yomcimbi awuhlelayo, iDlala Thukzin Weekend. NgoLwesihlanu kuzoba nenkundla yokucobelelana ngolwazi kwezomculo eThe Warehouse.

"Sizobe singagcini ngokukhuluma kodwa izethameli zizoyenziswa into okuzobe kukhulunywa ngayo. Bazongena beshuthwe izithombe, bebhalelwe umlando wabo, bese kuba ne-graphic designer ezobenzela kahle ukuze kube lula uma sebengqongqoza."

NgoMgqibelo kuzoba neDance Festival eDurban Amphitheatre lapho kuzobe kunandisa khona uThukzin, Babes Wodumo, Stanky, Sino Msolo, Que, Goldmax, DJ Merlon nabanye.

NgeSonto uthe bazodlala ibhola nosaziwayo eCurries Fountain kuphinde kube nomncintiswano wokubhukuda eKingspark.

Amathikithi adayisa eWebtickets.