UBABES Wodumo uhlaselwe ukugula kwahlehla icala
Image: SIGCINIWE
UKUQAQANJELWA yizinyo kwenze indlovukazi yomculo wegqom', uBongekile "Babes Wodumo" Simelane-Maphumulo, yangalubhada eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngoLwesihlanu. Ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto, uBabes (30) uthe uphathwe yizinyo wabe esevuvukala.
"Ngivuvukele umhlathi. Uyazi nawe ubusika, inkathi yokuphathwa ngamazinyo. Ngidumbe isihlathi sonke," kuphawula uBabes.
Ukugula kwalesi silomo sodumo lwengoma ethi Wololo, kudalulwe wummeli waso, uMnuz Thula Mlondo ngesikhathi ecela iMantshi uMnuz Ntokozo Myeni nomshushisi uNksz Ntokozo Ngema ukuba bahlehlise icala. Inkantolo isamukele isicelo sakhe, maqede icala lahlehliselwa uLwesihlanu.
Sekungokwesithathu leli cala lihlehliswa kulo nyaka. Okokuqala lahlehliswa ngenxa yokungazizwa kahle kommeli kaBabes. Kuphindile nangoLwesibili lahlehla ngenxa yokuthi kukhona okuphuthumayo obekufanele ummeli kaBabes ayokulungisa emndenini wakhe. Ummangali kuleli cala, uNksz Philile "Philly" Mhlongo, uthe isimo sokugula kukaBabes akasazi ngoba akachazelwanga.
"Akungiphathanga kahle noma ngithe kwimantshi ngigculisekile ngombiko enginika wona ngoba ngibona ukuthi isimo ngeke ngisishintshe. Isizathu sokuthi ngingaphatheki kahle yingoba uBabes akaqali ukuthi uyagula, selokhu laqala icala kodwa angikaze ngiyibone incwadi kadokotela. Egula okokuqala uNksz Ngema wathi uBabes wayiletha incwadi ngoba ngambuza ngayo."
UPhilly uthe yena akakaze waphuthwa wusuku lokuza enkantolo.
"Ngigibela, ngihlaliswe usuku lonke enkantolo, icala uthole ukuthi lizohlehliswa, kwesinye isikhathi lihlehliswe wuyena ummeli kaBabes. Uma kuthiwa yimina ebengisezicathulweni zikaBabes, ngibhecwa ngobende, bengizofika ngisho ngigula njengoba yena ethi akanacala kodwa wenzisa okomuntu ozaziyo ukuthi unecala," kuphetha uPhilly weSK Dee Designs.
Kuleli sonto bekulindeleke ukuthi ummeli kaBabes nomshushisi benze izethulo ecaleni kwelinye icala (trial within trial) kodwa okungabange kusenzeka.
UBabes ugqigqa enkantolo nje, waboshwa emuva kwesigameko esenzeka lapho kusebenzela khona uPhilly ebhilidini iWest Walk, eThekwini, ngoMashi 12, nyakenye.
Indaba yasuswa yizingubo ezabolekwa ngabadansi bakaBabes kuPhilly kade lo mculi eyonandisa emkhankasweni weNkatha. Zathi uma izingubo zingasabuyi ngosuku ababevumelene ngalo, uPhilly wanikela kuFacebook wakhwela wadilika kulo mculi, okwenza naye uBabes wanikela lapho kusebenzela khona uPhilly.
Lo mthungi wathi uBabes wamhlasela nedlanzana labantu bamhlasela. Uthi uBabes wamshaya kodwa uBabes uyaziphika lezi zinsolo.
Kubantu asebebuya kokwethula ubufakazi, kubalwa induna egada ibhilidi okwenzeka kulo isigameko uMnuz Sifiso Mthethwa, nomseshi waleli cala.