UNTOKOZO Mbambo noNqubeko Mbatha abagubha ukuqeda iminyaka engu-17 bashada
Image: FACEBOOK
IZIHLABANI zomculo wokholo zodumo kwiJoyous Celebration, uNqubeko Mbatha (46) noNtokozo Mbambo (39), zilokhu zihalaliselwe njalo ngokubungaza iminyaka ewu-17 zabopha ifindo likasofasilahlane. Kwenzeka lokhu nje, sekunokhondolo kuleli lokuhlukanisa kosaziwayo asebeshade iminyakana embalwa. Yingakho laba baculi beshayelwe elikhulu ihlombe ngenxa yokuthi basangamathe nolimu, kungathi basajola.
UNtokozo utuse amagalelo kaNkulunkulu ngokuhamba nabo baze bafinyelela kule minyaka.
"Ngiyabonga Jesu. Kumyeni wobusha bami, Nqubeko, akekho amazwi angachaza ukuthi ukubonga kwami ngokuthola wena. Uyicebo elifanele likaNkulunkulu empilweni yami. Ikhono lakho lokuba ngumyeni lisezingeni laseZulwini. Uhamba wedwa. Ngiyabonga ngokuhlonipheka, umusa, ukubekezela, empeleni ungikhombisile ukuthi kusho ukuthi ukuba umKhrestu. Ngiyabonga ukungithanda kwaziwe. Akekho umuntu ongenza ngihleke njengawe."
Eqhuba, uNtokozo uthe nanoma yisiphi isicubu somzimba wakhe, sithanda nanoma yisiphi isicubu somzimba kaNqubeko.
"Iminyaka engu-17 sindawonye, sizoqhubeka ingunaphakade. Happy Anniversary myeni!" kuphetha uNtokozo.
UNqubeko uthe wamthanda kudala uNtokozo futhi uyamthanda namanje.
"Impilo imnandi nginawe. Uwubufakazi besihe sikaNkulunkulu empilweni yami. Ngiyakuthanda," kusho uNqubeko.
Kubantu abahalelisele laba abashadile, kubalwa nomculi wokholo uDumi Mkokstad, oze wathi uyafisa ukuhamba ezinyathelweni zikaNqubeko. Abanye ngoNontokozo Mkhize, Millicent Mashile, Innocentia Mashile noMpumi Mtsweni.
Lezi zithandani ezidabuka KwaZulu-Natal zavumelana ngokuba nyamane ngoMeyi 17, 2008. UNtokozo ngaleso sikhathi wayeseneminyaka ewu-22. Ngesikhathi uNqubeko egubha iminyaka ewu-40 azalwa, uNtokozo wabhala izizathu ezingu-40 ezimenza azifele ngoNqubeko. Kuzo wabala ukuthi yingoba uNqubeko uthanda kakhulu uNkulunkulu kunokuthanda uNtokozo, iZwi likaNkulunkulu ilona aliqhakambisa kakhulu empiliweni yakhe, uyindoda ezigcinayo izithembiso neholwa wumoya kaNkulunkulu.
"Ungubaba oyisimangaliso, uhola umndeni wethu ngendlela, umbono wami uyawuhlonipha, uyindoda yomZulu kodwa omnene, u-sexy, uyangilwela, akayona impatha, akacikeki kalula, akazikhukhumezi, unobuhlakani, uyawuhlonipha umsebenzi wakhe, uyazithanda izinto ezimnandi, ukhula kahle, akatatazeli, akakaze wangiphula inhliziyo."
UNTOKOZO Mbambo noNqubeko Mbatha ababungaza ukuqeda iminyaka engu-17 bashada
Image: FACEBOOK
UNQUBEKO MBATHA noNtokozo Mbambo
Image: FACEBOOK
UNTOKOZO utuse amagalelo kaNkulunkulu ngokuhamba nabo baze bafinyelela kule minyaka
Image: FACEBOOK
UNTOKOZO utuse amagalelo kaNkulunkulu ngokuhamba nabo baze bafinyelela kule minyaka
Image: FACEBOOK
Related Topics: