UMZUKULU kaDkt Mangosuthu Buthelezi, uToya Delazy (Latoya Buthelezi) uzwakalise ukuphoxeka ngalabo abamgxeka ngokugqoka ibheshu ekubeni engowesifazane.
Lokhu kugqame ebusuku ngoLwesibili ngesikhathi ejikijelana ngamazwi kuTwitter nalabo abebemgxeka.
Omunye wabo kube nguSabelo Sithole onenkampani yezokuxhumana, okhwele wadilika kuToya Delazy.
“Kuyacaca ayifundisekile le ntombazanyane esikhwifa ngamathe singamaZulu.
“Wake wezwa kuphi ukuthi umuntu wesifazane ugqoka ibheshu, chilo lini leli ukuthi umuntu usebudlelwaneni nobulili obufanayo, lokho akumshintshi ukuthi ungowesifazane,” kusho uSithole.
UDelazy uthe uma kukhona indoda enenkinga ngaye ayiphumele eshashalazini badelisane.
“Uma kukhona indoda lapha ebukhosini nangaphandle enenkinga ngendlela engigqoke ngayo ayiphumele obala sibambane ngezandla. Mina umndeni wami ungamukele njengoba nginje,” kusho uDelazy.
Uthe ngisho iSilo samabandla simjabulele futhi asizange sibe nayo inkinga ngokugqoka kwakhe ibheshu.
Uthe labo abamgxekayo abasale benjalo ngoba ubukhosi bakwaZulu buhambisana nezikhathi zamanje.
Kukhona abamsekile baveza ukuthi akuqali ngaye ngoba nabesifazane beMithente neziNgane Zoma bayawagqoka amabheshu.
Okhulumela indlunkulu kaZulu, uMntwana Thulani Zulu, uthe abakwazi ukuphawula ngale nto ngoba abazange bambone uToya futhi umcimbi bekungewona owaseNdlunkulu bekungowoMntwana wakwaPhindangene.