IVALWE ngegiya elehlukile kulo nyaka imibukiso yendumezulu yemcimbi yemfashini ehlanganisa ongoti bamazwe omhlaba iSouth African Fashion Week ebanjelwa eSandton eGoli.
Lo mcimbi oqale ngoLwesithathu wavalwa ngempelasonto ungeminye yemcimbi emikhulu kuleli osaziwayo, oswenka nongoti bezemfashini abasuke bebheke ngawo izitayela ezintsha ezehlukile nezihehayo.
Ilebuli edlise kakhulu emalokishini kule minyaka edlule iLoxion Kulca ingene kwacaca kulo nyaka isishintshe ngisho unyawo ngendlela ethule ngayo imisiko yayo. Ongoti bale lebuli bethule imisiko yabo emisha ezodlisa kule sizini nasehlobo besebenzisa abadansi bohlobo lomdanso wesimanje weshashalazi iContemporary ebebengena bezinweba benza zonke izinhlobo zezitayela zalo mdanso.
Ibhungu eliselincane lishiye abantu bengawuvali umlomo ngomdanso walo elivule ngawo, ebeliwenza ligqoke eminye yemisiko yeLoxion Kulca.
Ngisho nosaziwayo imbala bangene ngezinga elifanayo nemisiko yale lebuli okubalwa nomculi obenandisa kulo mcimbi uMapaputsi obeziphihle ngemisiko yeLoxion Kulca.
Noma bekunjalo kodwa imisiko yabo beyicace bha, okuhlabe kakhulu umxhwele ukubuyisa ezinye zezitayela ezenza lelebuli yehluke futhi ihambisane neziitayela ezigqokwa emalokishini.Ezinkundleni zokuxhumana beyilokhu uwundabuzekwayo iLoxion Kulca ngokuziveza ngendlela ehlukile neyenze lomcimbi wakulo nyaka wehluka kakhulu kweminye ehlala ibakhona.