UMICHELLE Mosalakae odlala indawo kaKamina kwiThe Queen uthole umklomelo weHot Chick kumaFeather Awards izolo ebusuku
KUGIYE abalingisi bomdlalo wakuMzansi Magic, iThe Queen emiklomelweni amaFeather Awards abeseJohannesburg City Hall, izolo ebusuku.

Abalingisi balo mdlalo okhonjiswa ngo-9 ebusuku phakathi nesonto uRami Chuene odlala indawo kaGracious, Michelle Mosalakae onguKamina, Bohang Moeko odlala indawo kaTrevor noThembsie Matu onguPatronella babuye nezindondo.

UThembsie uthathe indondo yeDiva Extraodinaire, uMichelle eyeHot Chick, uBohang eyeHunk of the Year kwathi uRami wathola eyeFag Hag.

Bekungokuka-10 ikhona le miklomelo kulo nyaka. Uhlelo beluphethwe nguSomizi Mhlongo.

Selulonke uhla lwabanqobile lumi kanje:

Best Styled Male - Riky Rick

Best Styled Female - Ayanda Thabethe

Cutest Couple - Steve & Lucy Letsike

Diva Extraodinaire - Thembsie Matu

Drama Queen - AKA & Matlapa

Fag Hag - Rami Chuene

Hot Chick - Michelle Mosalakae

Hunk of the Year - Bohang Moeko

Media Award of the Year - GaySA Radio

Musician of the Year - Sjava

Role Model of the Year - Ntsupe Mohapi

Socialite of the Year - Yaya Mavundla

Sports Personality - Hlengiwe Buthelezi Simon Nkoli Award - Phumi Mthethwa

African Feather of the Year - Denis Nzioka

Social Media Personality of the Year - @Fistvoices