UMSAKAZI omusha woKhozi FM, uMzokhona “Mzokoloko” Gumede, uveze ukuthi umatasatasa ubhala incwadi ekhuluma ngempilo yakhe.
UMzo, wethula uhlelo iSisonke Drive ngokubambisana nomkhaya wakhe waseGingindlovu uNonhlanhla “Mroza” Buthelezi ngo-3 kuya ku-6 ntambama phakathi nesonto.
“Incwadi ngaqala ukuyibhala eminyakeni emine eyedlule. Ibisamile ngoba bese kushoda lesi sahluko esisha empilweni yami soKhozi,” kusho uMzokoloko.
Lo msakazi obeyibamba ohlelweni lwasekuseni phakathi nesonto kwiGagasi FM, uthe incwadi ikhuluma ngempilo yakhe kusuka ezalwa kuze kube yilapho ekhona manje.
“Ngikhuluma ngokuzalwa kwami esithenjini nobaba owayengumhlukumezi nezingqinamba engabhekana nazo ngizama ukufeza amaphupho ami. Ngiyasihlonipha isithembu kodwa nje akusona esami. Ngeke ngithi ubaba wayenje nami bese kumele ngibe njalo. Okusemqoka incwadi ezokugqamisa wukuthi lapho ophuma khona akusho ukuthi ikusasa lakho ngeke liqhakaze,” kuchaza yena.
Uthe uthando lokusakaza lwaqala kade elalele Ukhozi ngaleso sikhathi lusabizwa ngeRadio Zulu.
“Kade ngaqala ukungqongqoza kodwa kungenzeki ngabe sengiqhubeka kwezinye izindawo kwagcina kwenzekile. Kufezeke iphupho, ngijabule ngendlela eyisimanga.”
Uthe uza nokuhlukile ngoba uza nobuyena futhi uzobuyisa nezindaba ezidle ngamancoko ezibizwa Ngezigemegeme ZakwaGumede nokunye.
“Kuyimanje ngimatasa ngiyabhala futhi ngiyazididiyela. Futhi uma ngingekho emoyeni ngiyaya emsebenzini ukuze ngiyojwayela imishini ngoba ayifani neyeGagasi. Leli sonto eledlule bekungelokujwayela futhi bengisanovalo. Ngicabanga ukuthi kusuka kuleli eliqalayo yilapho umuntu eyobe esegijima khona. Ngeke ngikubalekele ukuthi abantu bazokhuluma kodwa uma begxeka ababeke nemibono eyakhayo. Ngizele bona futhi ngizokwamukela ukuphawula kwabo.”