OBENGUMSAKAZI weVuma FM kodwa osezothula uhlelo lwethelevishini, uJacinta Ngobese, uthi bekuhlezi kuyisifiso sakhe ukwethula izinhlelo kwiTV ngangokuthi akakakholwa namanje ukuthi selifezekile iphupho lakhe.
UJacinta uzoba ngumethuli wohlelo oluthungatha intsha efuna ukucula umculo wokholo, iSA Gospel Top Stars. Uhlelo luzoqala maduze esiteshini esikhonjiswa kuDStv i-1 Gospel (channel 331).
UJacinta uthe yize ukusakaza kuyinto ayithanda kakhulu kunokwethula izinhlelo kodwa ithuba elifana naleli ubengeke aliyeke.
“Bekuyisifiso sami ukuthola ithuba elifana naleli kodwa kuthe selifikile ngashaywa wuvalo. Ngizwe ngocingo, angazi nokuthi abaphathi bohlelo bangazelaphi kodwa bangitshela ukuthi akekho omunye abamfunayo ngaphandle kwami.”
Uthe abantu bebehlezi bemtshela ukuthi angenza umsebenzi omuhle phambi kwekhamera kodwa angakukholwa ngoba engumuntu ozifela ngokuba wumethuli wezinhlelo zomsakazo.
“Ngicabanga ukuthi ithuba lifike ngesikhathi esikahle empilweni yami nami ngifuna ukuqala izinto ezintsha. Angikaze ngilwethule uhlelo bukhoma kuthelevishini kodwa konke kunesiqalo sakho,” kusho uJacinta.
Uthe ukuhlangana nentsha yaseThekwini ebizokwenza inhlolokhono ngempelasonto kumfundise izinto eziningi naye abengazazi ezithinta umculo.
“Ithalente litholakala ngemuva kokuthi lo ozama inhlanhla enze izinto eziningi. Ngibheke phambili manje ekwenzeni izinto ezehlukene kuthelevishini, njengoba sengiqalile ngiyathemba ukuthi akukho okuzongidonsela emuva ngoba umkhakha esikuwo ukhula usuku nosuku,” kuchaza yena.
Uthe uma kungaqhamuka ithuba emsakazweni angalithatha njengoba nawo engawuyekile.
KwiSA Gospel Top Stars uthe oyedwa oyodla umhlanganiso uyozihambela nemiklomelo okukhona kuyo imoto uR200 000 ewukheshi, inkontileka yokuqopha umculo neminye imiklomelo.