KUPHUME umphefumulo kushayisana mahlanze itekisi nemoto encane engozini eyenzeke kuMthoko Mkhize Drive, eHammersdale eNtshonalanga yeTheku.
Kuphangalale indoda okukholakala ukuthi ineminyaka eko-40 ubudala kanti abanye abane bathole ukulimala okuhlukene ngemuva kokushayisana kwalezi moto.
Abezimo eziphuthumayo ngaphansi kwe-ALS Paramedics bathi bafike kule ndawo bathola isiphihli sengozi kukhona namaphoyisa.
"Ngeshwa umuntu oyedwa ubeseshonile, kwathi abanye abane abalimele baphuthunyiswa ezibhedlela ezahlukene zaseMgungundlovu ukuze bathole ukunakekelwa. Okwamanje imbangela yale ngozi ayaziwa kodwa abeSAPS bekhona."