UMNIKAZI wenkampani yokuqopha i-Afrotainment, uDJ Tira, uthe abantu kumele baveze amathalente abo noma yinini noma yikuphi ngoba abazi ukuthi ubani obonayo.
Ukusho lokhu ngemuva kokumemezela ukuthi basayinise umrepha uBeast.
“Ngaqala ukumbona ku-Instagram. Uma ngikhumbula kahle kwaba uSphectacula noNaves abangikhombisa yena. Ngibe sengithola ithuba lokusebenza naye e-studio ngesikhathi senza ingoma kaSphe noNaves iBhampa,” kusho uTira.
Uthe bambonile ukuthi unethalente base bemsayinisa.
“Unomsebenzi onzima yena ngoba kumele angene ezinyathelweni zikaDladla Mshunqisi. UDladla yena wayelandele uTipcee ngakho kumele alinyuse izinga,” kuchaza yena.
Ubuye waphawula ngendodakazi kaWinnie Khumalo, uRethabile ayisayinisa enkampanini yakhe.
“Sakhipha ingoma yakhe kodwa yaba ntukuntuku. Usekhona yena futhi sinezinhlelo zokukhulisa umculo wakhe.”
UTira uthe kungekudala bazokhipha ingoma kaBeast yokuqala e-Afrotainment.
“Besifuna ukuyikhipha kuleli sonto kodwa kusenezinto ezincane esisazilungisa. Sinethemba lokuthi ngesonto elizayo sizoyikhipha,” kusho uTira.
Uthe inhloso yabo wukukhuphula izinga lezokungcebeleka eThekwini ngokuqhakambisa abaculi bakhona.
UBeast uthe ujabule kakhulu ngokusayina.
“Ithuba elinjengaleli angilithathi kancane futhi ngiyazi ukuthi aliveleli noma ubani. Kumele manje ngisebenze ngokuzikhandla nokuzimisela, ngingacabangi ukuthi izinto zizozenzakalela. Iphutha lamaciko amaningi uma esethole ikhaya azitshela ukuthi kuzoba uKhisimusi. Ngifuna ukugxila ekuqiniseni isandla ngisebenze kakhulu kunakuqala,” kusho uBeast.
Uthe ngesikhathi esazimele ubehluleka ukusabalalisa umculo wakhe.
“Uthole ukuthi ingoma abantu bayayithanda kodwa ayifiki kahle kubo bebonke e-Afrika. Awukwazi nokuhambela imisakazo nokuqopha ama-video. Ukuba sekhaya kuhle ngoba uba namanye amaciko nikwazi ukubonisana futhi nisizane,” kusho yena.
UBeast uqale ukukhipha i-mixtape ngo-2012. Ube esekhipha i-albhamu ethi Take a Minute ngo-2014 asebenze kuyo noS’fiso Ncwane, Zakwe nabanye. Ingoma yakhe yakamuva ithi I’m So Ghetto ayenze noTribal.