UPHROJUSA wohlelo lomculo ama-Idols SA, uGavin Wratten, uthi ukungashintshi indlela uhlelo oluqala ngayo njengoba beqala isizini ka-15 yikhona okubabeke la bekhona.
Isiqephu sokuqala sesizini entsha siqala ngeSonto esiya kulo kuMzansi Magic ngo-5.30.
Amajaji uRandall Abrahams, Unathi Nkayi noSomizi Mhlongo bazomukela intsha ezokwenza inhlolokhono.
UGavin uthe kuyamjabulisa ukufika la bekhona njengoba bezoqhubeka nokuveza ithalente lentsha yakuleli.
“Nakulo nyaka sizosiza intsha efuna ukufeza amaphupho ayo ukuze iphumelele emculweni,” kusho uGavin.
Uthe bazoqhubeka bakhombise abantu okuhle, okubi, okuhlekisayo nokudabukisayo okwenzeka ohlelweni.
“Into esihlala siyenza wukuveza izinto njengoba zinjalo. Njalo amajaji athatha isinqumo sawo ngesinye isikhathi engingasithandi ngize ngidineke kodwa ekugcineni lowo osuke ekhethiwe aqhubekele phambili noma aphume ngize ngifise ukungenelela kodwa kungenzeki.”
Uthe okubenza bafunwa ngabantu ukukhombisa ngezinto zangempela hhayi ezingamanga.
“Abantu bahlale besibuza ukuthi kungani siveza abantu abacula kabi kodwa ngibatshela ukuthi uma singahlala siveza amagagu lokho kuyochaza okungekhona ngohlelo ngoba lungenelwa ngabantu abahlukene.”
Ube esenxusa abantu ukuthi ngeSonto bahlale belindile ngoba kukuningi okuzojabulisa.