KUSHUBE umoya ezitaladini zikaTwitter ngoMsombuluko kutholana phezulu umholi we-EFF uMbuyiseni 'The People's Bae' nomethuli wezinhlelo ophinde abe ngmlingisi uPearl Thusi.
Ingxabano yabo iqubuke kulandela imibhikisho ye-EFF ezitolo ze-H&M ngempelasonto lapho amalungu ayo ecekele phansi impahla njengendlela yokuzwakalisa izikhalo ngesikhangiso somfana obegqoke ijakhethii enombhalo othi “The coolest monkey in the jungle”.
UPearl Thusi ugxeke i-EFF ngobudlova wathi lokhu kudala ukuthi abantu abamnyama babukwe njengabantu abangapucuzekile.
So instead of fighting at their level you’re just going to vandalize stores and establishments? Spread violence and fear? Oh, ok.
Just misrepresent us all as savages then. https://t.co/ocRq309Cqx
— PEARL THUSI (@PearlThusi) January 13, 2018
UMbuyiseni ube esemphendula uPearl wamsola ngokuba yisichuse se-ANC esibiza abantu abamnyama abalwa nengcindezi ngabantu abangena mpucuzeko.
ANC self-hating mascot who believes blacks with stones fighting oppression are savages. It would be a waist of breath to show her that she’s adopted the oppressor’s language to describe blacks. Will she also be distancing herself from savage movies like of Solomon Mahlangu? https://t.co/BYhd1nEead
— IG: @MbuyiseniNdlozi (@MbuyiseniNdlozi) January 16, 2018
UPearl Thusi ube esephendula naye wasola abe-EFF ngoba amaboklolo.
When political parties try to bully you out of your opinion... so much for democracy and freedom. 🤷🏽♀️
— PEARL THUSI (@PearlThusi) January 16, 2018
Ezinkundleni zokuxhumana ihlukane phakathi imibono ye-EFF abanye bethi bekumele ilandele imigudu efanele yomthetho kuleli, abanye beyincoma bethi kuvame ukungenziwa lutho ngezigameko zokucwasa abantu abamnyama ngaphandle kwezikhalo eziphelela emakhasini ezokuxhumana.